Imibono

Kazi ngonjani ukhomishana oyoqeda ihlandla lakhe?

Lungile Landela|Published

OBENGUKHOMISHANA wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Khehla Sitole Isithombe: PHANDO JIKELO

MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni, ngicela ukuphawula ngodaba lokunqanyulwa kwenkontileka kobengukhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Khehla Sitole.

OBENGUKHOMISHANA wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Khehla Sitole Isithombe: PHANDO JIKELO

Iyadumaza indlela okuphethwe ngayo uMnyango wamaPhoyisa eNingizimu Afrika. Njalo abantu abaqokelwa esikhundleni sokuba ngokhomishana kabaliqedi ihlandla labo. Isikhathi sabo siyenqanyulwa bese kubekwa izizathu ezithile.

Uhulumeni ophethe izwe kuthiwa ngowentando yeningi kepha izinqumo ezithathwayo zibukeka zenziwa ngenhloso yokuvikela abathile. Njengesakhamuzi kungidumazile ukunqanyulwa kwenkontileka kaGeneral Khehla Sitole. Ngikusho lokhu nje, yingoba ngesikhathi eqokwa, kwabhalwa umlando omude nomuhle ngaye. Kanti pho, usechithwelani?

Impela sambona engena khaxa ngoba ubengumuntu obazi konke okuphathelene nobuphoyisa. Akuvelanga waqokwa nje, udlule waziphatha cishe zonke izikhundla emkhakheni wamaphoyisa.

Umbuzo engizibuza wona ukuthi ngabe kufuneka umuntu onjani kanti oyoze afaneleke ekubeni nguKhomishana wamaPhoyisa? Ngumuntu onjani oyoqeda ihlandla lakhe lokuphatha amaphoyisa? Ngelinye ilanga kuyodingeka sichazelwe konke ngenqubo nokudingeka kukhomishana. Ngale kwalokho, ngizwa sengathi sidunguzeliswa ebumnyameni.

Ntabeni umfana wentaba

E-HAMMARSDALE