Isithombe: Daneel Knoetze Picture: David Ritchie
MHLELI: Kuyacasula kakhulu okwenzeka eMelmoth eminyangweni kahulumeni ungathi basebenza mahhala abaholi, ngikhuluma ngoMnyango wezaseKhaya, SASSA, nesiteshi samaphoyisa. Ngiyafisa ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ake asivakashele isiteshi samaphoyisa eMelmoth azobheka nje indlela esisebenza ngayo isiteshi ngiphinde futhi ngicele uNgqongqoshe u-Aaron Motsoaledi ukuthi azobheka indlela osebenza ngayo uMnyango wezaseKhaya eMelmoth. Ngcela neziphathimandla zakwaSASSA zizobheka okwenzeka kulesi sikhungo esiholela abantu izimpesheni. Aseneme ngale minyango kahulumeni eMelmoth.
Angazi ukuthi yini le minyango kahulumeni ingawuthandi umsebenzi wayo. KwaSASSA abantu bayathethiswa uma bezolungisa izinto zabo.Angazi ukuthi kumele sizilungisephi ngoba singabaseMelmoth. Esiteshini samaphoyisa ngafika ebusuku ngabo 21.05 ngizovula icala lokuhlukunyezwa ngafica emnyango kuvaliwe kodwa amaphoyisa ekhona ngaphakathi ngangqongqoza engizwa amaphoyisa futhi engibona athula nje enza sengathi awangizwa futhi awangiboni ebe engizwa futhi engibona ngaze ngajika ngabuyela emuva, naseMnyangweni wezaseKhaya abanqeni ukulibala izindaba zabo nibe nibambe ulayini nikade nifikile. Uma ungena ngaphakathi uyabona nje ukuthi uzobaphazamisa lapho ke abanqeni ukukujikisa nje ngento encane futhi engenamsebenzi ngaleso sikhathi ke wena uyidinga ngempela leyo nto oyifunayo. Kumele uze uye eShowe, Olundi noma eMpangeni ukuze usizakale kulokho okufunayo, kodwa ibe ikhona iminyango kahulumeni eMelmoth Sinenkinga kakhulu eMelmoth.
Okhathazekile
eMelmoth