Imibono

Namuhla emlandweni

Intatheli Yesolezwe ngoMgqibelo|Published

Imfashini yomsiki wenqephu uChristian Dior. REUTERS/Gonzalo Fuentes (FRANCE - Tags: FASHION)

1502- INDLOVUKAZI yendawo eyingxenye yaseSpain, u-Isabella I, ikhipha isinqumo sokuvala inkolo yamaSulumane endaweni, futhi ibaphoqelela ukuthi bakhonze inkolo yamaKrestu.

1554- NGEMUVA konyaka nje, enqobe ubukhosi baseNgilandi, cishe enezinsuku eziyisishiyagalolunye esiphethe, uLady Jane Gray (16), unqunywa ikhanda ngezinsolo zokuvukela umbuso.

1593- KUGASELA impi yaseJapan ihlasele eKorea, kepha abamaJoseon angu-3000, alwa kuphuke izikhali ebhekene namasosha aseJapan angu-30 000.

1809- KUZALWA umbhali uCharles Darwin, eShrewsbury, eNgilandi. Uhlonishwa kakhulu ngomsebenzi wakhe, othi On the Origin of Species, omayelana nentuthuko nenqubekela phambili.

1942- IMIKHUMBI yempi yamasosha aseGermany, okuyiScharnhorst and Gneisenau, kanye nomunye omkhulu iPrinz Eugen, yeqa eBrest eBritain, ilibangise eGermany iphuma ngentuba ye-English Channel.

1947- UMSIKI wengqephu uChristian Dior, wethula ngokusemthethweni iNew Look, lokho kusiza iParis, ukuthi ibuyele esicongweni sokuba yikomkhulu lezemfashini emhlabeni.

1989- IZITSHUDENI eziyizishoshovu zomzabalazo zihlaselwa ngentululwane yezinhlamvu, eSwazini. Laba bangoPortia Shabangu, uThabo Mohale noDerrick Mashobane. Bahlaselwa ngemiyalelo kakhomanda weVlakplaas, u-Eugene de Kock.

1993- KUTHUNJWA umfanyana oneminyaka emibli, uJames Bulger, eLiverpool, ngabafana ababili abaneminyaka ewu-10, bamhlukumeza baze bambulale.

2001- I-NEAR Shoemaker, itheleka okokuqala emkhathini obizwa nge-asteroid.

2002- LIYAQALA ukuqulwa icala likaSlobodan Milošević, owayengumengameli eYugoslavia, liqulwa e-UN International Criminal Tribunal, eNetherlands. Ushona ngemva kweminyaka emine lingakasongwa icala.

2019-UMBIKO weNasa ukhombisa ukuthi umhlaba uyazama ukuvikela imvelo ngo-5%, okungconywana kunesikhathi seminyaka yokuqala yama-2000. Kungcono kakhulu eChina, lapho betshala khona izihlahla nase-India lapho beqhuba ezolimo.

2019- KUTHOLAKALA ingwe yesifazane engajwayelekile futhi enombala ongajwayelekile, emva kweminyaka ewu-100 eKenya.

Ulwazi lucashunwe kwiThe Historian