ISILO uMisuzulu kaZwelithini nomholi wakwaShembe eBuhleni, uNyazilwezulu
MHLELI: Kwelakho eliphuma likhanyisele izwe sonke. Kwangithokozisa kakhulu ukubona uNgangezwelakhe, iSilo samaBandla esesakhothama sikhombisa ubudlelwano obuhle nomholi wamaNazaretha aseBuhleni, uNyazilwezulu Shembe ngenkathi sisadla anhlamvana.
Kanjalo nayo inkosi yamaNazaretha aseBuhleni, uNyazilwezulu, yangithokozisa kakhulu ngokwamukela uNgangezwelakhe ngobudlelwano obufanayo.
Okuhle kunakho konke, ukuthi ubudlelwano obabe buphakathi kukaNgangezwe noNyazi, busaqhubeka nanamuhla phakathi koNyazi neSilo uMisuzulu.
Ngiselapho, ukuhlangana kwabaholi abanomoya ojulile, njengeSilo sikaZulu noShembe, kumele kuthele izithelo ezinhle ebese amandla abo enze umehluko omkhulu empilweni yabantu abamnyama, ngisho abadla imbuya ngothi.
Uma ngingenza isibonelo ngesizwe samaNgisi, akekho umuntu ongazi ukuthi ngesicebile emhlabeni, esaceba ngezizathu ezahlukahlukene engingabala kuzo ubumbano. Ngiyakholelwa ukuthi abaholi besizwe samaNgisi bayidlala indima enkulu ekfukuleni isizwe sabo basenza sachuma.
Kanjalo-ke nathi singabantu besizwe esimnyama esinabaholi abanomoya ojulile njengoShembe neSilo samaBandla, ngiyakholelwa ukuthi ungenzeka umehluko ngamandla abawaphiwayo nguMdali, basenyule kulolu sizi olusihaqile singabamnyama..
Ngiyazi ukuthi kababona abaholi bepolitiki okugqame ukuthi yibo okumele bashintshe impilo yabantu. Kungakho-ke abanye abantu, nakwezinye izizwe e-Afrika jikelele, bedla imbuya ngothi ngakho ukuthembela kubaholi bepolitiki kuphela, ukuba kube yibo abashintsha impilo.
Ngiyakholwa ukuthi ukuhlangana kwezihlabathi zolwandle ezilandela uShembe nalezo ezilandela iSilo kungenza umehluko omkhulu.
Lokhu-ke, kungenzeka kalula uma nathi thina sonke esisweleyo singahlali phansi sigoqe izandla kepha sibambisane nalaba baholi bemvelo, siye kubo ukuyokhonza. Sicele amandla namasu esingawasebenzisa ukuze sishitshe impilo yethu ngokuzidalela thina amathuba amaningi emisebenzi ehlukahlukene silekelele uhulumeni wethu odansa kanzima.
Uma ngingenza umzekelo; angeke nangengozi sahlulwa ukuthola umshini wokugaya noma wokwenza usawoti uma sihlangene saphinda sakukhonzela lokho kubantu abanomoya ojulile njengeSilo samaBandla nakuShembe wamaNazaretha. Singathola imishini noma izimvume zokusebenza eziningi ngokuhlukahlukana kwazo, sakhe izinkampani eziningi zemisebenzi ehlukahlukeneyo.
Eminye imishini esingayithola kungaba yimishini yokukhiqiza umoya weselula (airtime), nemishini yokukhiqiza amaphepha ahlukahlukene esiwasebenzisa nsuku zonke, nokunye okuningi, ngosizo lwabaholi abanamandla endalo.
Awukho-ke umsebenzi omkhulu kangaka wesizwe ongenzeka ngokugcina ngokubhala emaphepheni kuphele kanjalo. Masihlangane thina sonke esifisa ukusebenzela isizwe sakithi esidla imbuya ngothi, ngoba iqiniso lithi akukho okungeke kwenzeka uma singabumbana okwebumba likasimende, sesinesisekelo sabaholi bendalo
Cebolenkosi Maphumulo
ENANDA