Imibono

Akuveze obala amazwe asentshonalanga ukubukela phansi i-Afrika

Mcebo Mpungose|Published

ABADLALI beTottenham Hotspur nabeManchester City beguqile ngaphambi komdlalo ngo-Agasti 15, njengengxenye yomkhankaso weBlack Lives Matter Isithombe: Premier League

NGINGOMUNYE wabalandeli bokuqina be-English Premier League. Sekuyophela isizini yesibili abadlali abagijima kule ligi beguqa ngaphambi komdlalo njengendlela yokuzwakalisa izikhalo zabo ngokucwaswa kwabantu abamnyama, okwaqala ngemuva kwemibhikisho yeBlack Lives Matter.

Ukuguqa kwabadlali kuyisikhumbuzo sokuthi noma kusuke kuhlangenwe ngomdlalo, kunesimo esibalulekile sokucwaswa nokucindezelwa kwabantu abamnyama emhlabeni. Mningi le mikhankaso e-Europe nase-United States.

Nokho muva nje, ohulumeni balawa mazwe bakhombise unya ngokuthatha isinqumo sokuvala izindiza ezivela eNingizimu ne-Afrika, emva kokutholakala kwe-Omicron kuleli. Kunamanye asekhethe ukuvala nezindiza ezivela emazweni angenhla okubalwa kuwo i-Egypt neNigeria ngenxa ye-Omicron. Ngokocwaningo olwenziwa e-Europe, sekuvele ukuthi empeleni leli gciwane elizalwe yiCovid-19, bese likhona eNetherlands, ngaphambi kokuthi izwe lethu liphumele obala ngalo ngoNovemba 24.

Latholwa kubantu ababili, oyedwa wabo wayengakaze aphume ngisho eNetherlands. Ngokwamaziko ezindaba e-UK, nakhona ososayensi basaphenya ukuthi litheleke nini leli gciwane kodwa ubufakazi osebuqoqiwe bukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi laqala ukusabalala ngo-Okthoba.

Leli gciwane selitholakale emazweni awu-24 selokhu lamenyezelwa kuleli. Kuzokhumbuleka ukuthi ukutholakala kwegciwane kubantu abahloliwe, akusho ukuthi bangabokuqala ukuba nalo, yikho abasebenzi bezempilo bejutshwa kuthiwe abathungathe abantu asebeke bahlangana nomuntu osuke etholwe enegciwane ukuze kuphenyisiswe umsuka walo.

Ekhuluma nezwe ngeSonto umengameli Cyril Ramaphosa, ugxeke isinqumo sokuvalelwa ngaphandle kweNingizimu Afrika, wathi ngeke kube namthelela ekunqandeni ukusabalala kwe-Omicron. Ukuvalwa kwezindiza eziza noma eziphuma kuleli, kuzoba nomthelela omubi embonini yezokuvakasha, amabhizinisi, ezohwebo kanye nakwezemidlalo.

Kumanje iphazamisekile imidlalo yekhilikithi, neye-United Rugby Championship, equkethe amaqembu aseNingizimu Afrika, UK, France ne-Italy. Nasebholeni amaqembu akuleli adlala kwiCAF, kungenzeka abhekane nenkinga uma kumele ahambele amanye amazwe, njengoba kubikwa ukuthi sekukhona namazwe ase-Afrika, asekhethe ukuzivala izindiza ezivela kuleli.

Ngesikhathi ohulumeni balawa mazwe benquma ukuvala iNingizimu Afrika, bebenganandaba nakho konke okuzophamiseka, nakuba sekunezinyanga kushunyayelwa ivangeli lokuth“kumele sifunde ukuphila neCovid-19”.

Ngaphezu kwalokho, asisibi kangako isibalo sabantu asebegomele iCovid-19 kuleli njengoba sebengaphezulu kuka-24%.

Kudela owaziyo ukuthi ngabe siphethwe kanjani emhlabeni ukube iCovid-19 yatholakala eNingizimu Afrika kuqala.