SONKE sinezinto ezincane esingazithandi ezweni lethu esilithandayo futhi esingafisa ukuthi ziguquke. Kuningi futhi esikuthandayo ngalo kodwa esifisa ukuthi kube ngcono. Ngibe sengizibuza ukuthi yini kahle hle engicikayo, nengingathanda ukuyibona iguquka kuleli.
Ungabuza noma yisiphi isazi sezomnotho, singakutshela ukuthi alikho izwe elizama ukukhulisa umnotho elikhula ngendlela efanale uma kunenkinga kagesi. ENingizimu Afrika kunenkinga kagesi futhi laba abawuphethe kubukeka sengathi kuyabahlula ukuqinisekisa ukuthi bayilungisa ngokushesha le nkinga. Kusho ukuthini nje ukufike utshele abantu ukuthi uzocishwa ugesi kusukela ngo-9 ebusuku namhlanje kuze kushaye iSonto, gwiqiqi usuyabuya futhi usuzothi hhayi sesibhekene nezinye izinkinga, sizoqhubeka siwucime kuze kushaye impelasonto ezayo. Ishaye impelasonto ezayo, baphinde bashintshe futhi bathi sebezowucisha ebusuku kuphela. Ngathi nje asinazo izingcithabuchopho ezikwazi ukulungisa le nkinga ngokushesha bese umphakathi uyabikelwa ukuthi luhamba kanjani uhlelo lokuqeda ngezinkinga ezidala ukucishwa kukagesi.
Kubo bonke onjiniyela bakagesi esinabo, akekho nje ongathi ’ake ninginikeze izinyanga ezingaka ngiqede ngale mfishimfishi’?
Into ebuhlungu ngokucishwa kukagesi wukuthi kwesinye isikhathi awubuyi ngesikhathi okuthiwa uzobuya ngawo. Ubashayele abomkhandlu, izingcingo zingangeni nokungena. Emasontweni edlule nje sike sahlala izinsuku ezimbili ugesi ungekho eMbilo, eThekwini.
Uvuka ekuseni lizula ikhanda uma uke walahla umazisi, ucabanga ngolayini omude okusamele uyowubamba eMnyangweni wezaseKhaya. Uze uzibuze ukuthi ngoneni kubani ubambe loya layini. Uzisola manje ngokuphuma endlini ungadlanga. Ufike ngo-6 ekuseni uthi uzoba ngowokuqala kanti awubuzanga elangeni. Uhlale uze ubheke imali ku-wallet, uvalekile kodwa ubale ukuthi i-shwarma ne-reboost kungaphuma la kodwa kugamanxela emalini yokubuyela endlini. Wehlele ngezansi, ubambe iqanda elibilisiwe neyababa kaR12, uphange ekhoneni thizeni, ubuyele kulayini ubindekile, kungaze kungenwe ngaphakathi ihambe indawo yakho.
Kwezinye izikhungo nje abantu sebekuphendule ibhizinisi ukubamba ulayini ngenxa yale nkinga.
Ungene ngaphakathi uhlale mhlawumbe ihora lonke, uhambe udasida izihlalo zakhona, bavele bakutshele ukuthi ’i-system ayisebenzi’.
Ngisaphuma enyuvesi alikho iphepha engangilizonda njengefomu elibizwa ngeZ83, okumele uligcwalise uma ufaka isicelo somsebenzi emnyangweni kahulumeni. Lokhu angikusho ngoba ngingawuqondi umsebenzi walo kodwa ngikusho ngoba esikhathini sanamhlanje angisiboni isidingo. Nanamhlanje kuseneminyango efuna lawa mafomu phambili nokuthi isicelo sithunyelwe ngeposi. Kukhona ama-email nezindlela zokuphonsa izicelo kwi-website?
Ngiyazi baningi abathandi bebhola eNingizimu Afrika. Abaningi abagcini nje ngokubuka imidlalo yePSL kodwa bayalilandela nebhola laphesheya njengeLa Liga, English Premier League neSeria A. Ukubona izinga lebhola elidlalwa kulawa maligi kwenza uzibuze kwesinye isikhathi ukuthi konje bengizihluphelani ngokubuka umdlalo weSwallows neChippa. Ngenza isibonelo (kungaze kuthiwa ngithe).
Iqiniso wukuthi wayengahubhuzi amanga owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer, ngesikhathi ekhala ngezinga labadlali kuleli, ekhala ngezinto ezilula ezibashayayo okumele bazifunde kwinkulisa. Lo mqeqeshi wathi ngeke ufundise abadlali abadala izinto okumele baqale ukuzifunda ko-Under 8. Uma uke walidlala ibhola ekukhuleni kwakho, uzokwazi ukuthi abadlali bayafundiswa ukucisha ibhola (trap), izindlela zokuphasa ibhola nesisindo se-pass, bese kuba indlela onyakaza ngayo uma ungaliphethe ibhola, nendlela enicindezela ngayo uma nilifuna. Ngisho indlela yokukhahlela ibhola niyafundiswa, ukuthi uma ufuna ukulishaya ligcwale ibhola kumele ume kanjani, uma ufuna ligobe wenzenjani, njll.
Kuyacika-ke ukubona indoda endala ekhokhelwayo ihlulwa ukuphasela umuntu ophambi kwayo, neqembu elihlulwa yindlela elula yokudlala yokuphasa ibhola ngendlela nokungena ezikhaleni ezifanele. Iqembu engingathi linswempu kunawo wonke njengamanje eNingizimu Afrika yiMamelodi Sundowns. Iidlala ibhola ’elilula’, abadlali bayo benza izinto ezincane ngendlela efanele. Baningi abangafunda kuyo.
Okokugcina ohlwini lwezinto ezingicikayo, yizikole ezingahlelekile.
Ukuhleleka kwesikole wukuhleleka komfundi. Ukuphumelela komfundi kusho ukuthi uzothola amathuba okuguqula isimo ekhaya. Ngeke ngiqambe amanga, akuthandeki ukubona isikole esingekho esimeni esifanele, ngisho ngabe kuthiwa ukuyiphi ndawo. Kusukela kwingqalasizinda yesikole kuya endleleni abafundi abagqoka ngayo nabaziphatha ngayo. Ngokwenkolelo yami, konke kufanele kuhleleke futhi kubukeke. Izikole kumele ziqinise umthetho endleleni abafundi okumele baziphathe ngayo ngisho nangaphandle kwamagceke esikole. Kuyethusa ukubona izingane ziwuvanzi zigqoke umfaniswano wesikole zibambene ngocikicane kodwa uthi uma ubheka irekhodi lokuphasa eminyakeni edlule, kuyabhujwa izinga lokufeyila.
Ngaphandle kokuqina komthetho ezikoleni, umphakathi nawo kumele ubambe iqhaza ekulekeleleni isikole sihlale sisezingeni elifanele, ngisho nabantu abebefunda kuso babe nezinhlelo zokuthuthukisa isikole sabo. Kwesinye isikhathi ezinye izinto zidinga thina njengamalungu omphakathi ukuthi sizisukumele.
Yiziphi wena izinto ezikucikayo? Shiya umbono ekhasini lethu kuma-comments kuFacebook nakwiTwitter (@IsolezweNews).
Live Editor yeSolezwe
Ungamlandela kwi-Instagram