Bhedlindaba “VVO” kaLuPhuzi Mkhize
NIBANINGI okuthi lapho enihamba khona kuthiwe yidlani igobongo bese nithwasa. Uma ningakwenzi lokhu, kushesha kuthiwe nizovelelwa wokuthize. Abanye benu basukelwa ngabantu esidlangaleni kumbe etekisini noma emsebenzini, kuthiwe awamukeli ngani isipho onikwe sona?
Uma ubuza ukuthi uzosamukelaphi, impendulo ibe lula, kuthiwe woza kimina ngizokusiza. Kokunye usuhambile wathwasa ngoba ujahe lokhu okujahile, usuya kozwa kwenye indawo. Kufike kuthiwe kawanzelwangwa kahle, woza kimina ngizokwenzela. Yingakho usudidekile, ungasazi ukuthi kufaneke ulalele bani nokuthi wenzenjani. Bese kuba lula ukunquma ukuthi ugcine ungasenzi lutho.
Abanye kugcine kuthiwe kubona, kuguqule ukwenze okokuthandaza ngoba kucatshangwa ukuthi ukuthandaza kuphucuzekile kanti usuzibulala wena ekugcineni. Baningi abacula iculo elithi ngakuguqula ngakwenza umthandazo, uthi usebenza ngakho ukuthandaza kodwa izinkinga zithe bhe.
Kukhona konke lokhu, kufanele ube nesikhali sokuzivikela emilonyeni yezingwenya ezilambile. Inkinga uma ungugobela ungenawo amathwasa wubukeka sengathithi kawuthwasanga. Ngakho ugobela noma ithwasa eseliphothulile ukuze libonakale ukuthi lathwasa laphothula, kufanele libe namathwasa. Ukuthi uwathola kanjani akudokwe likabani lelo. Kuya ngokuthi ukhulume kobani obathobile bazithola sebezongena kuwena ukuze kugqame ukuthi ungugobela ngempela.
Kunezinto-ke okufanele uzibuze zona uma kuthiwa yidla igobongo noma kuthiwa kawuthwasi ngani, kumbe kawamukeli ngani isipho onaso.
imibuzo okufanele uyibuze uma kuthiwa yidla igobongo;
Ngubani lona olidingayo kuwena? Ngakuluphi uhlangothi, kithi noma ekhabomama? Uma kuyikhehla noma isalukazi, sakusiphi isizukulwane? Yini badinge igobongo? Ngakube ekugcineni ngizothwasa noma kuzoba wukulidla nje? Uma lowo elidla ngami ulidlela ukuthi kuvulekephi?
Uma kuthiwa igobongo ulidla ngoba wembethe, wembethe luhlobo luni ezinhlotsheni ezinhlanu ezikhona? Yinhlanhla, wukuthatha igama lakhe engimembethe, wukubuya isibili emhlabeni, wukuba liwele elingazalwangwa? Noma wukumbatha kwamakhosi, wuyothwasa ngelinye ilanga? Iyiphi le mpande ayidinga egobongweni? Lokhu kwempande kusemqoka ngoba idlozi nedlozi lifuna eyalo impande, kalikwazi ukudla noma iyiphi. Umbuzo wokugcina okufanele ucace bha uma usuliphothula, uyoliphothula ngani? Uhlobo lwesilwane, kanjani, ngubani ozohlahla indlela yokuliphothula?
Lokhu kusemqoka ngokuthi uma kungukuthi igobongo lelo ulidle ngokweqiniso kufanele kube namaphupho azokusho ukuthi liphothulwa kanjani nokuthi silwane sini esizodingeka? Isikhathi esiningi uma kuphothulwa igobongo wubona kuthengwa iziphuzo obhiya nogologo, kube khona uhide lwezingubo okuthiwa wembathisa ogogo ongabazi namathwasa akwalelo thwasa elikudlise igobongo, kugidwe kuphuzwe kuze kuse, ekugcineni inyama yezimbuzi noma yenkomo kuhanjwe nayo.
Uma kuthiwa thwasa kufanele kugcine kuphenduleke le mibuzo okufanele uyibuzisise:
Ngubani lona ongingenayo, ngowasiphi isizukulwane, udinga impande yaluhlobo luni? Ubunyanga angithwasisa futhi angiphathisa bona buhlobo luni? Iyiphi impande yakhe eza nayo?
Lena yimibuzo yokuqala okufanele ucaciseleke yona ngoba imibuzo elandelayo ibelethe kule engenhla. Ukuthi uzothwasa kanjani kufanele utshelwe nguye okuthiwa ukungenile, indlela yokungena ephehlweni, nempande ozoyidla ungena kufanele ilawulwe yilowo okuwe othwasa ngawe, hhayi ngokuya kukagobela.
Lokho kungena ephehlweni akufanele ukutshelwe ngugobela kodwa akuvele ngezibonakaliso kuwena, lapho ukhonjwe khona. Uma ukhonjwe emanzini makube njalo, uma ukhonjwe komunye ugobela lowo othuke waya kuyena, makangabe esakuthinta kodwa akudlulisele lapho ukhonjwe khona, ukuze lelo dlozi lithole elikudingayo.
Uma usuthwasa kufanele ugobela alandele izinkulumo ezivuka kuwena ngokutshelwa yilona okuthwasisayo, ngoba uma kungenzeki lokho, konke sekuphambene. Isikhathi esiningi abantu, abaningi bathi besadla igobongo uma impande kungeyona liyabola linuke, kokunye uvuke seligcwele iselesele, ungazi ukuthi liqhamukephi. Uma uthwasa ngendlela okungeyiyo nasesigodlweni okungesona, uzokuzwa izwi lithi, “Senzani lapha?” Uma ukubika lokho kodwa kuthiwa ungakunaki. Lalela izwi lelo, uthathe imithwalo ushiye phansi.
Isikhathi esiningi sithwasiswa ngoba kwaziwa ukuthi sihluphekile. Abanye abelaphi baze bakulandele ngezingcingo nangamazwi, “Siyoke sibone ukuthi uyosizakalaphi, akekho noyedwa oyokusiza.” Lokho kusuke kushiwo ngumelaphi okusabisayo ngoba ekubone uyibhodwe eliconsayo kunokuthi akulekelele emsebenzini wedlozi elithunywe yithongo kuwena.
Ngokunganaki le mibuzo, baningi abazithola sebegaxele ezinhluphekwemi zangunaphakade. Ungasatshiswa, futhi ungakuvumeli lokho, uma ubuza imibuzo bese impendulo ithi: “Sengathi wazi konke. Pho bewuyaphi lapha?” Thatha imithwalo uhambe. Kuncamele ukufa kunokuthi wenziswe into okungeyona nekunqatshwayo uma uthi uyabuza, ngoba ekugcineni kufanele lelo dlozi ligcine lisizakale kunokuthi ugcine uhlupheka nezingane nesizukulwane sakho ngomuntu othanda imali.
Bhedlindaba “VVO” kaLuPhuzi Mkhize
Isigodlo saseMlambomunye: School of African Indigenous Science
KZN 087 11 00 555
GAUTENG: 010 007 5294/5