Imibono

#SivalelwenoPhindile: Amaqhawe angempela elule isandla epha imiphakathi entulayo

Phindile Zulu|Published

#sivalelwe noPhindile

SIBUSISIWE isandla esiphayo kunesamukelayo. Ngiyethemba bancane abangakaze bawezwe lawo mazwi.

Aba mnandi kakhulu uma eshiwo kwabangalindele umvuzo ngezenzo ezinhle.

Ngihlabeke umxhwele kulezi zinsuku, ngibona amalungu omphakathi esiza abantulayo.

Sithe sixakwe wukuvaleleka ngenxa yeCovid-19, kwaba khona abathintekayo uma abantu bakubo belala bengadlile.

Okungihlabe umxhwele kakhulu wukuthi abaculi, osomabhizinisi namanye amalungu omphakathi ababhekanga ukuthi kuze kube wuhulumeni olula isandla. Bakhiphe emaphaketheni abo.

Akekho noyedwa umuntu ongazi muntu odinga usizo. Kwamina uqobo ngazi inqwaba.

Ukuba kuya ngami ngabe basizakala bonke.

Pho-ke, yiwona amandla angavumi ngifinyelele lapho engifisa ukufinyelela khona, kodwa-ke asikho lapho, bengisancoma.

EMlaza abazibekile phansi. Osomabhizinisi bakhona okubalwa uLinda Mhlongo (weLinda’s Recoveries), Xolani Mgobhozi (Xolani Driving School), Sam Ndlovu (NMR Liquor) noMfundo Dludla (Kwandeni Butchery) bahlangane bathenga ukudla okubalwa kukho amasaka elayisi, impuphu, isitambu, ubhontshisi, ushukela, ufulawa, imifino eyahlukene, amafutha okupheka, izinkambi zetiye, insipho nokunye, ukuze imindeni ethile ilale idlile.

Kuhlomule imindeni elinganiselwa kwengu-400.

“Phela lo mphakathi yiwo owenza amabhinisi ethu akhule.

“Sibone isimo sisibi kakhulu ikakhulukazi emizini esakhelene nayo sanquma ukuthi sisize,” kuchaza uMfundo.

Uthi baqale bezosiza imindeni eyingcosana kodwa ngokubonisana nabaholi emphakathini kwadingeka ukuthi bathi ukufaka amandla amakhudlwana ukuze kusizakale uMlaza wonkana.

Angeke simkhohlwe noNonkululeko Nzimande weX Foundation ongowokuzalwa kuleli lokishi.

Inhlangano yakhe yaqala ihlose ukusiza abantwana kodwa siyambona engalali esekhipha nezijumbana zokudla esiza imindeni yabantwana.

Ngokwakhe imfundo iyadlisa kodwa lokhu ngeke kufezeke uma abantwana bebulawa yindlala.

Kuzwelile nakuNhlakanipho Mthembu noMark Faku beVida Fiesta Foundation, lapho bethola ukuthi umphakathi waseNanda ku-ward 45 udonsa kanzima.

Basebenzisane ne-East Coast Radio benxenxa abanamandla ukuthi baphonse esivivaneni.

Ngempela iphupho lifezekile njengoba kusizakale imindeni engu-70.

Simethulela isigqoko noSphiwe Mcanyana ongumnikazi wendawo yokudla nokucima ukoma, i-Artizen edume kakhulu KwaMashu.

Imindeni engu-32 ilale idlile njengoba eyisize ngokuya ngasethunjini.

Thina sazi amakhosi kungabantu abaphezulu, abathanda ukukhothanyelwa.

Bengingazi ukuthi kanti nawo ayakwazi ukulula isandla. Siwushayela ihlombe umsebenzi wenkosi uKusakusa Mkhize waseMbo, eMkhandlwini waseSimahla eMgababa.

Esebenzisana nezinduna zakhe ezigodini eziyisishiyagalombili nabanye osomabhizinisi, kuzohlomula imindeni engu-41 isigodi ngasinye.

Bathenge indathane yokudla okuzohlukaniselwa le mindeni.

UNobuntu Webster, ongumbhali, uthi ukupha abaswele akakuxwayi njengoba kuyinto abakhule ngayo ekhaya.

Abazali bakhe uMarshall noJabu Hlazo, sebathatha umhlalaphansi kodwa lokhu akubavimbi ukuthi bahlephule kulokho okuncane abanakho basize umphakathi waseHazelmere Dam.

Kungaba mnandi ukuthi nathi uma sifika kule minyaka abakuyo abazali bakhe, abantwana bethu bakhulume kahle kanje, bancome, bafise ukuba yisibani esihle abazali babo abayiso.

Ngiyazi baningi abenza lo msebenzi ezindaweni ezahlukene. Nabo siyababonga. Asiqhubeke selule isandla lapho sikwazi khona ukuze impilo ibe ngcono nakulabo asebelahle ithemba.

* UPhindile Zulu uyiPublic Relations Specialist nePublic Facilitation Consultant KwaZulu-Natal, eGoli naseKapa.

Umsebenzi wakhe wukuqinisa ubudlelwano phakathi kwamalungu ehlukene emphakathini, nakwezamabhizinisi.

[email protected]