Imibono

Ngifisa kuphenywe indlela yokuqasha abasebenzi bakadoti

Lungile Landela|Published

MHLELI: Ngiyabonga ngokungipha isikhala ngidlulise ukudumala kwami ngendlela okwenzeka ngayo siphelelwa wumsebenzi ngoba singenawo uR2 000 wokunika amakhansela emsebenzini wakwadoti ngaphansi koMkhandlu weTheku. Amakhansela ayayazi indaba kaR2 000.

Ngiqale ukusebenza ngicosha udoti kusuka ngo-2009, angikaze ngilenze iphutha emsebenzini. Inkinga engiyibonile kulo msebenzi wethu wukuthi kuqhutshwa kakhulu ipolitiki kangangokuba uma bekunento ethinta inhlangano yethu, amakhansela abesifonela sishiye yonke into siyokwenza umsebenzi wenhlangano.

Ake ngikhale ngoMhlonishwa uMxolisi Kaunda (osesithombeni) nezinye izikhulu ezisemkhandlwini, sibabizile sabanika lonke ulwazi lwenkohlakalo, ukuthi kunabantu abafakwa ngamakhansela benzelwa izincwadi zomgunyathi ngenye inkampani ebiyenza umsebenzi kadoti eThekwini.

Kunamakhansela aphambili, engingeke ngiwabale ngamagama kodwa avele aqhuba ngendlela yawo kaR2 000 namantombazane akwandabazabantu kuMasipala weTheku.

Uma befuna ukukholwa yile nto engiyishoyo, akubizwe umsebenzi ngamunye noma kuthiwe kababhale bafake emabhokisini, nizoyibona le nto engiyishoyo. Abangene bengezwani namakhansela bangene ngenhlanhla, amakhansela abebafuna emnyango.

Into engikhala ngayo seyingilahlekisele ngomsebenzi ngenxa yekhansela eliqhuba izinhloso zalo.

Abanye abaqashiwe siyabazi bathandana nezingane zamakhansela, abanye bayizihlobo namakhansela.

UKaunda uyayazi yonke le nto kodwa uyivuma kanjani ngoba wathi uzolungisa.

Wavuma kwenziwe inkohlakalo phambi kwakhe, kwenzekani?

Izingane lezi zami nabazukulu bami sebezokondliwa ngubani njengoba ngiphelelwe wumsebenzi?

Kunzima okwaseThekwini ngoba nalaba esithi bathembekile akunjalo, silinyazwa bebhekile. Saze saluthwala usizi singonile muntu.

Angisho ukuthi abantu abangaqashwa, ngikhala ngezincwadi zomgunyathi ezenziwa yinkampani ebiyenza umsebenzi wokuqoqa udoti eThekwini.

Kungani umthetho ungababophi abantu abenza umgunyathi nabantu abaya kozilanda izincwadi bebe bazi kahle ukuthi abakaze basebenze kule nkampani. Sicela ubulungiswa kule nto yokuqashwa kwabasebenzi bamgwaqweni.

Uma kungenzeki lokho kuze kudlula lesi simo se-Corona, lonke ulwazi ngobugengu bokuqashwa kwezihlobo zamakhansela, ngizoyinika ithimba loklebe eKZN namagama ezikhulu esazixhuma nezaziyo ngale nto ngizowaveza.

Konakele kulo mkhandlu weTheku, inkohlakalo inuka phu. Uma ungezwani nekhansela khohlwa, indaba yakho ifana nento efile.

Sengifisa nokuthi yonke le nto ifinyelele nakuNdunankulu, uMnuz Sihle Zikalala.

Obengumsebenzi

ETHEKWINI