Imibono

Basalwa eyaseNasrec abaholi be-ANC

Lungile Landela|Published

JESSIE DUARTE JESSIE DUARTE

Mhleli: Ngicela isikhala ngizwakalise ukujabha ngokuphelelwa wunembeza kwabaholi abaphezulu be-ANC kuzwelonke.

Asibonge abantu baseNingizimu Afrika ngokusebenzisana noMnyango wezeMpilo kuzo zonke izindlela zokuphepha kulolu bhubhane lweCovid-19 abahlale besigqugquzela ukuze siphephe sonke, futhi sikugcizelele ukuthi ukwedlula kulesi sigaba sesine kuncike endleleni esiziphatha ngayo.

Siyintsha yeNFP sisuswa yindaba esematheni kulezi zinsuku yenkombankombane nokungqubuzana kongqongqoshe beminyango ehlukene ngezinqumo ezisuke zimenyezelwe wuMengameli uCyril Ramaphosa.

Ezinsukwini ezedlule umengameli wamemezela ukuthi ugwayi uzovuleleka ukudayiswa esigabeni sesine sokuxegiswa kwemithetho ezweni ngothaqa, waphinde waveza ukuthi izikole zizovulwa ngokwezigaba ezithile washo nokuthi ongqongqoshe baleyo minyango ngokubambisana nomnyango wezeMpilo nowezokuPhepha bazobhekisisa isimo bese kuqhutshekelwa phambili.

Kungakapheli nezinsuku ezimbili kwenzeke lokho sibone oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC uNksz Jessie Duarte owayesohlangothini olwalwaziwa ngeNDZ olwalweseka uDkt Dlamini Zuma ephikisa isinqumo sikamengameli. Wakubeka kwacaca ukuthi akwenzi mqondo ukuvula izikole okwamanje akukaphephi. Kwathi noma uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga eyigcizelela eyokuvulwa kwezikole emasontweni azayo kodwa abaholi ababeseka uDkt Dlamini Zuma bashaya phansi ngonyawo. Kwathi emva kwalokho uDkt Dlamini Zuma washaya wathi cha akunagwayi wadayiswa akuphephile akucatshangelwe abantu kungajahwa imali kwabe uselikhuze phezulu kuMengameli noNgqongqoshe uBheki Cele wamaPhoyisa obesaziwa ngokuhamba nohlangothi olwalweseka umengameli olwalwaziwa ngeCR17.

Kukho konke lokho kwenza izitatimende ezidida abantu umengameli uthule du okutolikeka ngokuthi sezizwana amandla zisuka eNasrec.

Buyangabazisa ubuholi bukamengameli njengekhanda lenhlangano nomphathi wongqongqoshe uma ezothula nje angasho lutho ngale ndida yokuklolodelana kongqongqoshe isidana okwenyuka ngezinga eliphezulu. Uma kuqhubeka kanje umengameli uzogcina ehluleka ukulawula ongqongqoshe bese kuba yikwampunzi edla emini njengoba sekuqalile.

Kumanje nje kunento eqoshiwe ezungeza ezinkundleni zokuxhumana lapho uMnuz Bheki Cele enqaba isidana ukulandela imithetho yabethimba lezempilo leCovid-19 elifuna ukumhlola izinga lokushisa komzimba, nakuleyo nto umengameli akasho lutho.

Sesingasho singananazi ukuthi impi yaseNasrec ayikaze iphele. Okwamanje besisabona ezikaNDZ zisakhonya. Okubi nje kwenzeka ngesikhathi esibi impilo yabantu isengcupheni, kubhoke nokuphela kwemisebenzi.

Niphephe emakhaya.

Zithembe Ngobese

ILUNGU LEKOMITI LENTSHA YE-NFP