Isithombe esigciniwe: Bongani Mbatha/African News Agency(ANA) Isithombe esigciniwe: Bongani Mbatha/African News Agency(ANA)
MHLELI: Ngingumgibeli ohlala eMolweni, eMgababa. Luqale kabuhlungu usuku lami ngihlukunyezwa wu-rank manager, ePinetown ngenxa yokuthi bengimboze umlomo wami ngesikhafu.
U-rank manager ukhiphe izimpahla zami wazilahla phansi ngoba efuna ngithenge isifonyo esidayiswa nguye. Ngithe uma ngimtshela ukuthi uMengameli wathi singamboza ngesikhafu wathi wumbhedo lowo. Uze wangibamba ngamawashingi kubuka nabagibeli. Kube sekwehla nomshayeli bagcina bengithengisa isifonyo esidayiswa nguye ngenkani.
Ngicela ajeziswe ngokungibukanisa nabantu nokwehlisa isithunzi sami. Ngiphatheke kabi. Umuntu akasazi enzenjani uma engenayo imali.
Ohlukumezekile