Imibono

Bathengi yazini okuzonisiza ngalesi sikhathi seCoronavirus

Lungile Landela|Published

Isithombe esigciniwe: Karen Sandison/ANA Isithombe esigciniwe: Karen Sandison/ANA

KULELI sonto ngifonelwe enye insizwa ebikhathazekile emuva kokuthi imali ebiyifake kwenye i-akhawunti kuthiwa ayiveli. Ingishayele ucingo isegatsheni lebhange elithile ikhala ngokuthi abasebenzi abanaso isiqiniseko sokuthi imali yayo izobuya.

Ngiyicele ukuthi ikhononde egatsheni ebikulo, icele nokuthumela i-email ngoba nami angazi ukuthi imali yayo izobuya nini.

Kubalulekile ukuthi uma kukhona okungahambanga kahle ebhange usheshe ubike egatsheni okulo, ukhononde ngokubhala i-email.

Ngiyazi abaningi benu bazokhala ngokuthi abanawo ama-email kodwa kuyasiza ukukhala nge-email ngoba akekho ophikayo ukuthi uke wakhala noma usulandelela uyakwazi ukusho ukuthi ulandelela luphi udaba. 

Khumbula akusizi ukushesha ushayele amaphephandaba uma unenkinga ngoba amabhange alawulwa wumthetho wokuthi awazikhulumi izindaba zawo nabanye abantu, akhuluma namakhasimende awo kuphela.

 

I-Prudential Authority (PA) intswinye iSasfin Bank emuva kokuthi iphule eminye imigomo yeFinancial Intelligence Centre Act ka-2001. 

I-PA ithe iSasfin ayintswinywanga ngoba isolwa ngokushushumbisa imali kodwa kunemigomo ethile ekade ingalandelwanga.

ISasfin izohlawuliswa uR500 000. Ibuye yayalelwa ukuthi iqeqeshe abasebenzi abathile ukulandela i-Financial Intelligence Act. I-PA ithe iSasfin iyakulandela eyalelwe ukuthi ikwenze.

 

I-Consumer Goods and Service Ombud (CGSO) iyalele abantu ukuthi bayeke ukuthenga impahla kwiSA Trampoline emuva kokuthola izikhalo kubathengi abaningi.

I-CGSO iveze ukuthi abathengi bese bekhokhe izibambiso eziphakathi kukaR3 200 noR6 400 kwiSA Trampoline kodwa abayitholi impahla yabo.

Abanye sekuphele izinyanga ezintathu belinde impahla obekuthiwa izothunyelwa kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa kuya kweziwu-14. 

UNksz Magauta Mphahlele we-CGSO Ombud uthe udaba uselubike kwi-National Consumer Commission ukuze iphenye bese ijezisa inkampani.

“Siyacela abantu bangalokothi bathenge impahla eSA Trampoline ngoba sisayibikile kwiConsumer Commission. Umthetho uthi asixwayise abantu ngezinkampani ezingalaleli uma sithole izikhalo ngazo ngakho nalapha senza njalo. Sizoqhubeka nokushicilela amagama ezinkampani ezithatha imali yabantu ngaphandle kokubanika impahla abayithengile,” kusho uNksz Mphahlele. 

Ugqugquzele abantu ukuthi bangathuli uma izinkampani zibaphatha kabi kodwa bakhononde. 

Ucele abantu ukuthi bazibhekisise izitolo abathenga kuzo nge-internet, babheke ukuthi impahla isithunyelwe yini ngoba eziningi zinohlelo oluvumela ikhasimende ukuthi libheke impahla yalo.

I-CGSO itholakala ku-0860 000 272. 

I-Financial Sector Authority (FSCA) ixwayise umphakathi ukuthi ungalokothi usebenzisane noMnuz Christiaan Burger Venter obuye abizwe ngelika “Mr Venter” ozibiza ngoMqondisi we-BVG Financial Solutions. 

I-FSCA ithole ukuthi uVenter uhambe ethi usebenzela yona aze athathe imali kubantu ekubeni engathunywanga yiyo.

Ithe i-BVG yinkampani enika abantu usizo lwezimali esemthethweni kodwa iyaziqhelelanisa noVenter osebenzisa inamba ethi 067 084 7982  ne-email ethi [email protected].

Kuthiwa uVenter uthembisana inzalo ka-20% no-35% ngosuku lwemali osuke uyitshalile.

Kunxuswe abantu ukuthi bangasebenzisani nezinkampani ezingenalo igunya lokubanika usizo lwezimali ngoba uma sezicwilile kunzima ukuzithola.

I-FSCA ibuye yaxwayisa abantu nge-First Cash esebenzisa isitifiketi somkokotelo ukunika abantu usizo lwezimali.

Ukuthola ulwazi lokuthi inkampani ivumelekile yini ukunikezana usizo lwezimali ungathinta i-FSCA ku-0800 110 443  noma ku-www.fsca.co.za

* Uma unenkinga edinga usizo lwezabathengi ungathumela i-email [email protected] ubhale ezabathengi endaweni yesihloko.