KUHAMBA kahle ngohlelo lokuhlenga nokugwema ukuhlaselwa kobhejane
Image: File / Ezemvelo KZN Wildlife
UHLAKA olubhekele ezemvelo nezokuvakasha KwaZulu-Natal Ezemvelo KZN Wildlife, seluzwakalise ukugculiseka kwalo futhi lwamukela izibalo ezintsha ezisanda kukhishwa wuNgqongqoshe wezamaHlathi, ukuDoba nezeMvelo uMnuz Willie Aucamp, eziveze ukuthi kwehle ngo-16% ezweni lonke ngonyaka odlule ukuhlukunyezwa kobhejane.
Esitatimendeni sakhe, uNgqongqoshe udalule ukuthi lokhu kubathokozise kakhulu ikakhulu ngoba iKZN esiqiwini iHluhluwe-iMfolozi Park yilapho okwehle kakhulu khona izigameko zokunqunywa kwezimpondo zobhejane, njengoba zehle zisuka ku-198 wango-2024, zaze zayofinyelela ku-63 kuphela nyakenye, okusho ukwehla ngo-68%.
Ngokwesifundazwe, lezi zibalo zehle kakhulu zisuka ku-232 zafinyelela ku-97, akuchaze ngokuthi kube wumehluko omuhle kakhulu nokhombisa ukubambisana kwezinhlaka ezibhekele ezemvelo nezokuvakasha ezweni.
Isikhulu esiphezulu seZemvelo, uMnuz Sihle Mkhize, sithe lokhu kubakhuthaze kakhulu njengoba kumanje sebeqalile nezinhlelo zabo zakulo nyaka ukusiza ukuthi lo mehluko owenzeke nyakenye ube ngokungcono kakhulu nonyaka.
“Lezi zibalo zikhomba ukuthi impi yethu yokuvikela imvelo nezilwane ithela izithelo ezinhle, esibheke ukuthi kuqhubeke kube njalo kusuka manje kubhekwe phambili. Kuyasithokozisa kakhulu ukuthi uhlelo lwethu lokuvikela obhejane esiluqale futhi saluqinisa ngo-2024 luthele izithelo ezinhle kangaka ngonyaka odlule, okusho ukuthi sisemgqeni ofanele,” usho kanje.
Eqhuba, uthe kubajabulisa kakhulu futhi ukuthi kulezi zinhlelo abazenzayo besekwa nayiSilo samaZulu iNkosi uMisuzulu kaZwelithini Zulu, naye ohlale esho ngazwi linye nabo ukuthi kumqoka kangakanani ukuvikela imvelo nezilwane eKZN yonkana.
“Ukubambisana nokusebenzisana kwethu kukhomba ukuthi ukuxhumana okuhle nobukhosi nabo bonke abanothando nentshisekelo yokuhlenga ezemvelo kuthela izithelo ezinhle. Lokho sikusho ngoba ikhwelo lethu selesekwa nawumholi webandla lamaNazaretha iNkosi uNyazilwezulu, nalo oluke lusivakashele luzokhulekela ukuthula ezindaweni zethu.
“Lokhu kubambisana kukhombisa futhi kuveza ukuthi imvelo yethu imqoka kangakanani, futhi kukhuthaza nabanye abantu nezinye izinhlaka ukuthi basondele eduze kwethu ukuze sibe ndawonye kulo mbono omuhle kangaka esihlangene ngawo,” kulanda uMkhize.
Uthe okunye okubahlaba umxhwele nokwenza bakhuthale kakhulu wukuthi kuJanuwari nonyaka akubanga nazigameko ezibikiwe zokuhlaselwa kobhejane nokunqunywa kwezimpondo zabo, okusho ukuthi zonke izinyathelo abazithathile ukubavikela zisahamba kahle.
“Kodwa nakuba kukuhle kunjalo, impi esibhekene nayo ayikapheli ngakho sisanxusa futhi abanye nezinye izinhlaka ukuthi bengasibukeli - kepha babe nathi ukuqinisekisa ukuthi obhejane baseKZN nasezweni lonke bahlala bevikelekile ngoba baneqhaza elimqoka kakhulu abalibambayo kwezemvelo nasembonini yezokuvakasha,” kunxusa uMkhize.
Related Topics: