INGAPHANDLE lehhotela iHilton Durban, eThekwini - osekuvele izindaba zokuthi seliphinde lavalwa okwesibili
Image: Tumi Pakkies / Independent Newspapers
ITHEKU seliphinde labhekana nenkambabeyibuza kwezokuvakasha ngenxa yokuvela kwezindaba zokuvalwa kwentandokazi yehhotela ebelingaconsi phansi ebantwini bakuleli zwe, kanjalo nabasemazweni omhlaba i-Hilton Durban, ezinze enkabeni yedolobha.
Sekungokwesibili manje kuvalwa leli hhotela njengoba kwenzeka esifanayo eminyakeni embalwa edlule lapho elavalwa khona ngenxa yokubhoka kweCOVID-19, okwashaya kwezwela kulona njengoba lalingasayingenisi inzuzo ngendlela efanele kwaphoqa ukuthi ubuholi balo bangaleso sikhathi bunqume ukuthi livalwe thaqa.
Okhulumela ihhotela, oxoxe nozakwabo weSolezwe i-The Mercury - udalule ukuthi inkampani ebisiphethe leli hhotela i-African American Properties Hotel PTY Ltd inqume ukunqamula isivumelwano sokuliphatha ngoFebhuwari 5, okusho ukuthi kusukela ngalelo langa alisezukwazi ukuqhubeka lenze imisebenzi yalo ngendlela ebeliyenza ngayo.
USihlalo weFederated Hospitality Association of Southern Africa, uMnuz Brett Tungay uthe kuyabakhathaza kakhulu ukuvalwa kwehhotela okwesibili ngenxa yomthelela omubi ozodalwa yilokho embonini yezokuvakasha.
“Asazi ukuthi yini edale ukuthi kuze kufinyelelwe kulesi sinqumo kubaphathi behhotela, kodwa kusizumile futhi besingalindele nhlobo. Leli hhotela belibamba iqhaza elimqoka kakhulu embonini yezokuvakasha, sithemba ukuthi isimo sizolunga maduze - kube khona indlela esetshenziswayo ukuthi lingavali isikhathi eside,” kusho uTungay.
Isazi sezomnotho esizimele, uMnuz Bonke Dumisa, sikhombe umunwe kuMasipala weTheku ukuthi bekumele ngabe wenze kangcono kakhulu ukuzama ukuhlenga ihhotela ngenxa yobumqoka beqhaza ebelilibamba kwezokuvakasha ikakhulu uma kunemibuthano eyenziwa e-ICC, eyakhelene nalo.
“Kwakuzoba ngcono kakhulu ukube kwathi ngenkathi likhandlwe wumthelela omubi weCOVID-19, ubuholi bukaMasipala weTheku basukuma bazibambela mathupha ukuze ihhotela lisimame futhi libe sesimeni esihle nesifanele ukuze likwazi ukuqhubeka lenze okuhle ebesilazi ngakho eminyakeni edlule, kodwa kwangenzeka kanjalo njengoba lagcina liwelela ezandleni zabaholi basemazweni aseMiddle East, nakhu manje bayalilaxaza kanjena.
“Kodwa-ke lokhu kuphosa inselelo yokuthi izinto eziyigugu emnothweni wedolobha ziphathwe ngobunono nangokucophelela ukuze kugwemeke izimo ezifuze lesi ngokuzayo, engithemba ukuthi lokhu kuzoba yisifundo sokuthi kufukanyelwe izinto zethu nezimqoka emnothweni ukuze zingashabalali kalula,” kulanda uDumisa.
Ikhansela le-Action SA uMnuz Zwakele Mncwango nalo lizwakalise ukukhathazeka kakhulu ngalesi simo, lathi libona sizoba nomthelela omubi kakhulu embonini yezokuvakasha.
“Izikhungo nezimboni ezisuke zaziwa umhlaba wonke njengaleli hhotela zibamba iqhaza elimqoka kakhulu emnothweni wezwe lethu, ngakho uma lezo zindawo zizogcina zishabalala kuzoba nomthelela omubi kakhulu emboni yezokuvakasha,” usho kanje.
Umholi weDemocratic Liberal Congress, uMnuz Patric Pillay, uthe: “Izoshayeka kakhulu imboni yethu ngalesi simo njengoba besazi ukuthi leli hhotela linedumela kanjani ezivakashini zasemazweni ehlukene omhlaba ezitshala imali emnothweni wethu.”