Ezokuvakasha Phola EKZN

IZimbali Lodge nokwehlukile ngendawo yokudlela eqhakambisa okwesintu

Simangaliso Ntshangase|Published

INGAPHAKATHI lendawo yokudlela entsha yaseZimbali Lodge i-Eleven Tribes, eseBallito, enyakatho yeTheku

Image: SITHUNYELWE

ELINYE lamahhotela ahlonishwayo ngezinga lalo eliphezulu KwaZulu-Natal nasezweni lonke jikelele, iZimbali Lodge, isiyethule ngokusemthethweni i-Eleven Tribes, okuyindawo yayo entsha yokudlela ehluke kakhulu kweyaziwa ngakho, njengoba yona igabe ngesitayela esiqhakambisa amasiko, isintu namagugu esizwe.

Le ndawo yokudlela engaphakathi kuleli hhotela yethulwe ngesonto elidlule, lapho okumenywe khona izikhulu, omntakabani, nabezindaba ukuzozibonela ngokwabo ukuthi iza nani futhi bathola nethuba lokuzizwela izinongo zokudla neziphuzo okutholakala khona.

Imenenja Jikelele yaseZimbali Lodge, uNksz Bailey Bhima, ithe ukwethulwa kwabo le ndawo yabo entsha yokudlela kuyisinyathelo esimqoka kakhulu kubona, nesiyisiqalo esisha sokuqhubeka bathuthukise leli hhotela ukuthi libe sezingeni elicokeme emhlabeni.

“Sizosebenzisa le ndawo yokudlela ukuxoxa indaba yethu yase-Afrika engaxutshwe nalutho futhi sihlose nokuqhubeka sizigqaje ngesiyikho sibe sihambisana nesikhathi, sibeke eqhulwini izidingo zabantu abavakashela izindawo zethu nabasesekayo njalo,” usho kanje.

INGAPHAKATHI lendawo yokudlela entsha yaseZimbali Lodge i-Eleven Tribes, eseBallito, enyakatho yeTheku

Image: SITHUNYELWE

I-Eleven Tribes ivale isikhala se-Thandi Restaurant, indawo yokudlela ebikuleli hhotela, nokuthe ngenkathi idilizwa, kwaqala ushikishi lomsebenzi wokwakha le ndawo manje okubhekwe ukuthi idobe iso labantu basezindaweni ezihlukene ezweni nasemazweni omhlaba.

Kule ndawo yokudlela ufika uzikhethele wena uhlobo lokudla okuzwana nawe kusuka esidlweni sasekuseni, esasemini nesakusihlwa. Lokho kuqinisekiswe yinhloko yabapheki bakhona, uMnuz Malusi Mkhize.

UMkhize uthe: “I-Eleven Tribes yindlela yethu yokuhlanganisa izithako zethu zaseNingizimu Afrika nezesintu epuletini elilodwa kanti sithembisa bonke abantu abazosivakashela ukuthi balindele ukudla okumnandi nokuzohambisana nabo.”

Eqhuba, uNksz Bhima uthe ukwethulwa kwabo le ndawo yokudlela bekusemqoka kakhulu kubona njengoba kuhamabisana nohlelo lwabo oluqhubekayo lokulungisa ihhotela labo, kubalwa amagumbi okulala, amagumbi okwenzelwa imicimbi nesakhiwo nje sisonke.

“Abantu abakhonze ukuvakasha bafuna ukuthi bathole into ezobajabulisa nezokwenza ukuthi bazizwe bebalulekile kanti siyakuqonda futhi ukuthi ukudla kungenye yezinto ezisiza ukudoba amakhasimende ukuvakashela endaweni ethile. Yingakho nathi sikubeke eqhulwini ukuthi kube ngokusezingeni eliphezulu ukuthi sizohlale siseqhulwini,” kulanda uNksz Bhima.

Kanti kuvele nokuthi ngale kokudla kwansuku zonke, kuyo futhi le ndawo yokudlela kuzoba nezinhlelo zokufundisa ngokupheka nemicimbi eyahlukene ezokwenziwa kuyona ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amakhasimende aba nezinto ezahlukene azozithokozela kuyona.

I-Eleven Tribes isiqalile ukusebenza futhi kuvumeleke ukuthi ivakashelwe yinoma wubani; okungaba yizivakashi ezihleli ngaphakathi ehhotela nanoma wubani ofuna ukuzozijabulisa khona, kanti eminye imininingwane ngayo ikhona kwi-website yeZimbali Lodge.