IMEYA kaMasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba, yethula inkulumo emcimbini obuse-Octavia Boutique Hotel, eNanda, enyakatho yeTheku ngoLwesine
Image: FACEBOOK/DURBAN TOURISM
IMEYA kaMasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba iphonsele inselelo ubuholi bomdabu nobulawula ukusebenza kwezindawo zasemakhaya ukuthi busondele kuhulumeni, ukuze kube nezinhlelo zokufukula izindawo zasemakhaya zokuvakasha okuzokwenzakwande izivakashi ezifaka imali emnothweni wezindawo ezinjalo ezinganakekile.
UXaba usho njalo ethula inkulumo yakhe yosuku emcimbini wokwethula umbiko wokuthi idolobha iTheku lenze kanjani kwezokuvakasha ngamaholidi kaKhisimusi noNcibijane, obuse-Octavia Boutique Hotel, eNanda, enyakatho yeTheku ngoLwesine.
Uthe lokhu ukusho ngoba ebona ubuhle behhotela abenzele umcimbi wakhe kulona, athe limkhumbuza omunye wombono ayenawo esewuMphathiswa woMnyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya kule minyaka edlule.
“Kwakuvele kusemqondweni wami ukuthi kube nohlelo oluqondile lokuthi kufukulwe futhi kuthuthukiswe izindawo zasemakhaya nezasemalokishini ukuze zibe sesimeni esizosiza ukufukula umnotho wakhona, bese kufukuleka nemboni yezokuvakasha.
“Sengithi angiphinde ngikusho lokhu manje ngoba ngiyabona ukuthi namanje sisanenkinga yokuthi izindawo eziningi zasemakhaya zisantula ingqalasizinda, okungathi uma kuqalwa uhlelo lokuthi zithuthukiswe kube kuningi okuhle okungenzeka kule mboni,” kusho uXaba.
Eqhuba, uthe inselelo ekhona okwamanje wukuthi akukuhle ukubambisana phakathi kobuholi bezindawo zasemakhaya nohulumeni, okwenza ukuthi kube nzima kwesinye isikhathi ukungenelela ukuzama ukufukula izindawo ezengamelwe yibona ngenxa yokuthi miningi kakhulu imicikilisho okusuke kudingeka ukuthi ilandelwe andukuba kube khona uhlelo lokungenela ukuthuthukisa izindawo zabo olungase lwenziwe.
“Yingakho nemicimbi efuze lona esihlangene ngawo kumqoka ukuhlangana kuyona, bese siyabhunga ngezinto eziyizinselelo ezisimisa ndawonye njengalena, ngethemba ukuthi kukhona okuhle esingaphuma nakho uma sibambisana. Ubuhle baleli hhotela esikulona kufakazela ukuthi uma kutshalwa imali emnothweni wezindawo zasemalokishini kukhona okuhle okungenzeka, kanti futhi lisekhona nethuba lokuthi kwenzeke okufanayo ezindaweni ezisemakhaya nezintula ingqalasizinda,” usho kanje.