IMEYA kaMasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba, ethula umbiko wezokuvakasha emcimbini abewenzele e-Octavia Boutique Hotel, eNanda, enyakatho yeTheku ngoLwesine
Image: Ntombizodwa Dlamini/ Sunday Tribune newspaper
UKUZILUNGISELELA ngokugcwele nangokuphelele nokubeka inhlalakahle nokuphepha kwezivakashi phambili yizona zinto ezisize idolobha iTheku lagila izimanga ngamaholidi kaKhisimusi noNcibijane, lenza inzuzo engaphezu kuka-R9.6 billion emnothweni walo, kusuka ku-R5.5 billion wemali engene emnothweni ngesikhathi esifanayo ngo-2024.
Lokho kushiwo yiMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ethula enkulumo yakhe yosuku emcimbini wokwethula umbiko wezokuvakasha wamaholidi okuphela konyaka odlule, obuse-Octavia Boutique Hotel, eNanda, enyakatho yeTheku ngoLwesine.
UXaba uthe kubajabulise kakhulu ukuthi ukusebenza kwabo kanzima ukuqinisekisa ukuthi isikhathi samaholidi kaDisemba sifika sebesilungele ngokuphelele, kuthele izithelo ezinhle nezibonakalayo, okufakazelwa yizibalo ebezibheka ukusebenza kwabo kwezokuvakasha kusuka ngoDisemba 1 wanyakenye kuya kuJanuwari 12 nonyaka.
“Kungokokuqala eminyakeni emihlanu sijabule kahle kangaka ngamaholid okuphela konyaka njengoba sithwale kanzima sizama ukuvuka sizithathe emva komthelela omubi wegciwane iCOVID-19, kanti futhi kungokokuqala kusuka ngo-2022 ukuthi wonke amabhishi ethu awu-23 asebenze ngendlela efanele, kwaba wukuthi sivala elilodwa kuya kwamabili kuphela ukuvikela abantu bethu uma kunesidingo sokwenza njalo, okusisize ukuthi amabhishi athu agcine ebe nezivakashi ezifinyelele ku-6.8 million,” kusho uXaba.
Eqhuba, uthe bajatshuliswe nawukuthi zibe ngaphezu kwa-1.2 million izivakashi ebezize eThekwini ngalesi sikhathi, zenyuka zisuka ku-998 000 wango-2024 ngesikhathi esifanayo, nezifike zajabula ngaphandle kwezihibe ezithiya injabulo yazo, okusho ukunyuka ngo-19%.
“Ezokuphepha nazo beziqine kakhulu, okufakazelwa wukuthi abasebenzi bethu basemabhishi basebenze umsebenzi omuhle kakhulu besiza ukuhlenga izingane ezingaphezu kuka-1 855 ebezidukelene nabantu abadala ebezifike nabo, baqikelelela ukuzigcina ziphephile zabuyela emakhaya azo engakapheli amahora awu-24.
“Nasedolobheni lonkana beziqinile ezokuphepha njengoba bebengaphezu kuka-2 000 abomthetho abebenkanise idolobha lonke, belekelelwa ngama-CCTV obuchwepheshe bezokuphepha ukusiza ukubheka nokuqikelela ukuthi akonakali lutho,” usho kanje.
Uthe le nzuzo engene emnothweni wabo inyuke yafinyelela ku-77%, isuka ku-72% eyanyuka ngawo ngesikhathi esifanayo ezibalweni ezaphuma ngo-2024.
“Manje sesibheke ukuqhubeka sakhele kulokho okuhle esesikwenzile njengoba emavikini ambalwa ezayo sizokwethula ngokusemthethweni umfuziselo wowayengumengameli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Mandela nokaMnuz Oliver Tambo naye owabamba iqhaza elikhulu kwezepolitiki kuleli zwe, okungenye yezindlela esibahlonipha ngayo ngeqhaza labo kwezepolitiki ezweni lethu, nakho okuzodoba inqwaba yezivakashi,” kusho iMeya.
Udalule nokuthi akupheleli lapho, njengoba ngenyanga ezayo kuzoba nombungazo wokwethula ngokusemthethweni indiza ezoqala ukusebenza isukela esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport, iye esikhumulweni esiseSaint-Pierre Pierredonds, eReunion Ireland.
“Sesiqalile futhi senza amalungiselelo okuphothula izinhlelo zokwethula ngokusemthethweni isitimela esizohambela eThekwini naseGoli, nesizosiza ngokuthi kube lula ukuhambela kula madolobha womabili, nakho okuzosilekelela kakhulu ukudoba izivakashi zize kalula eThekwini, bese kungena inqwaba yemali emnothweni wethu,” usho kanje.