LIGABE ngakho konke okudingayo ihhotela laseBergville, emaphakathi neKwaZulu-Natal, iChampaigne Sports Resort
Image: KZN TOURISM AND FILM
IDOLOBHA iBergville, maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal, lingenye yezindawo nje ezingaconsi phansi ebantwini abakhonze ukuvakasha, ikakhulu ngalesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka ngenxa yokuthi abantu abaningi abasuke bevakashele khona basuke befuna ukuthokozela ukubona izintaba zokhahlamba phecelezi, iDrakensburg Mountains.
Ngakho kungenzeka ukuthi uma uwumuntu okhonze ukuvakasha, nawe ungomunye wabahlela ukulibangisa kule ndawo ukujabulela izinto ezahlukene ezikhona kuyona. Mhlawumbe uma kuwukuthi uzobe uqala ukuvakashela khona, umbuzo omkhulu ongase uzibuze wona, wukuthi uzofike ulale kuliphi ihhotela elizokugculisa ngokuphelele?
Ukuphendula lowo mbuzo ngingathi elinye lamahhotela okungadingeka ukuthi ucabangele kulona yi-Champaigne Sports Resort, elikhona kule ndawo futhi elingelinye lamahhotela osekunesikhathi eside ekhona kuyona, elihlonishwayo neliseqhulwini kwaphambili.
LIGABE ngakho konke okudingayo ihhotela laseBergville, emaphakathi neKwaZulu-Natal, iChampaigne Sports Resort
Image: KZN TOURISM AND FILM
Lokho ngikukhulunyiswa wukuthi ebusukwini obubodwa nje vo engibulale kulona, ngiqaphelile ukuthi ligabe cishe ngakho konke umuntu ovakashile angakudinga khona, okungenza ukuthi uma ukulona - impilo yakho ibe lula futhi ibe nokuthula kakhulu.
Phakathi kwezinye zezinto ongazijabulela kuleli hhotela eliholwa wuMnuz Gary Foster, wukuthi linezinhlelo zemidlalo eyahlukene elungele abantu abadala nezingane, okubalwa kukho izinkundla ezine zebhola lomphebezo, ongakujabulela nezingane zakho uma nivakashe kulona.
ELINYE lamahhotela ahamba phambili eBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal, iChampaigne Sports Resort
Image: KZN TOURISM AND FILM
Kukhona nebala eliyindawo evulekile elinotshani obuluhlaza cwe yokudlala igalofu, kube ngo-swimming pool abahlanu - okwenza ukuthi nikwazi ukubhukuda ngabaningi kubona kanti futhi kuba nanezinhlelo zomdlalo we-volleyball kubona labo swimming pool.
USHAYWA wumoya otshanini obuhle kanjena uma uvakashele ehhotela iChampaigne Sport Resort eseBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Ngikuthandile nokuthi khona ngaphakathi kunezitolo ezidayisa izimpahla zangaphansi, ezingakusiza kakhulu uma ukhohlwe wokokubhukuda kanti futhi zikhona neziitolo khona ezidayisa izincwadi, okungaba wusizo kakhulu ebantwini abakhonze ukufunda, nokungaba yithuba elihle kakhulu kubona ukwenza lokho ngoba ngalesi sikhathi samaholidi yilapho abantu abaningi abasuke benesikhathi esanele sokwenza izinto eziningi, njengokufunda.
INGAPHANDLE lamanye amagumbi okulala asehhotela iChampaigne Sport Resort eseBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Leli hhotela futhi lihle nangokuthi uyakwazi ukuliqashela ukwenza imicimbi eyahlukene, okungaba yimishado njengoba linendawo evulelekile futhi enhle, eshaya ngotshani obuluhlaza cwe futhi esesithe ongeke uphazanyiswe yilutho kuyona.
INGAPHAKATHI lendawo yokudlela yasehhotela iChampaigne Sport Resort eseBergville, maphakthi neKwaZulu-Natal
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Kanti njengoba iseBergville nje, ikahle kakhulu ebantiwni abahlala eGoli naseThekwini namaphethelo abafuna ukuvakashela kuyona ngoba cishe kungamahhora amathathu kuya kwamane ukusuka kulawo madolobha uya kuyona, okuyibanga elingelide kakhulu nelikhonekayo ukuthi ulihambe ngemoto yakho noma ongabe uyiqashile ukuyisebenzisela ukuvakasha.
OMUNYE wo-swimming pool basehhotela iChampaigne Sport Resort eseBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Leli hhotela linamagumbi okulala ngabaningi awu-91 nawu-152 okulala wedwa noma nesinqandamathe sakho, okwenza ukuthi likwazi ukumumatha izivakashi ezingaphezu kwa-800 uma kusuke sekugcwele mfi izivakashi ezisuke zizojabula kulona.
LIBUKEKA kanjena elinye lamagumbi okulala asehhotela iChampaigne Sport Resort eseBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE