Ezokuvakasha Phola EKZN

Abezokuvakasha 'bahlangabeze izivakashi' ezithutheleka eKZN

Simangaliso Ntshangase|Published

UPHIKO lwezokuvakasha esifundazweni, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority, lukhuthaza abantu abazovakasha ukuthi bavakashe ngabaningi futhi bebe wumndeni kanjena ngalesi sikhathi samaholidi kaDisemba noNcibijane

Image: KZNTIFA

UPHIKO lwezokuvakasha esifundazweni, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTIFA) lwethule umkhankaso walo waminyaka yonke wendlela yalo yokwamukela nokuhlangabeza izivakashi eziphuma zingena ukuzovakasha eKZN ngala maholidi kaDisemba noNcibijane.

Lo mkhankaso ubuwenziwe ngasemgwaqeni omkhulu u-N3 egalaji likaphethiloli i-Ultra City, eMtshezi, maphakathi neKZN, ngoLwesihlanu - lapho okugcwala kakhulu khona inqwaba yabantu abasuke bedlula khona ukuphumula, wukwetha uphethiloli nokuthenga umphako kwendlela.

Lolu hlelo luyingxenye yendlela yokwamukela izivakashi eziza eKZN ngamaholidi, njengoba kulindeleke ukuthi sifinyelele ku-1.1 million isibalo sohambo lwabantu abazobe bevakasha ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe, nabangangaphezu kwa-34 000 abazobe besuka emazweni ehlukene emhlabeni jikelele. 

Inhloko yophiko lokuxhumana nezobudlelwano eKZNTIFA uNksz Pinky Radebe uthe lokhu abakwenzile kuyingxenye yezindlela abazisebenzisa ukwamukela izivakashi zabo, nokukhombisa ukuthi bakujabulela kangakanani ukuthutheleka kwazo ukuzovakasha eKZN.

“Lokho sikwenziswa nawukuthi ukucwaninga kwethu kukhomba ukuthi uDisemba noJanuwari yisona sikhathi esimatasa kakhulu kwezokuvakasha, okufakazelwa nawukuqagula kwethu okukhomba ukuthi kusuka ngoJanuwari kuya kuJuni wangonyaka ozayo kubhekwe uukuthi kube nohambo lwabantu abavakasha eKZN olufinyelela ku-4.3 million, kube yizivakashi zasemazweni omhlaba eziwu-387 155 - lokho okuzosiza ukuthi kungene imali elinganiselwa kuR13.4 billion emnothweni wethu,” kusho uNkk Radebe.

Eqhuba, uNkk Radebe uthe nakuba bekuqonda ngokuphelele ukuthi iTheku yilona dolobha eliqengeleza phambili ngezokuvakasha, kepha kusemqoka nokuthi abantu bakhuthale ukuvakashela nezinye izindawo ukubona okwehlukile nabangakwejwayele.

“Yiqiniso ukuthi iTheku lihamba phambili, kepha futhi nezinye izindawo ezisenhla nesifundazwe, ezimaphakathi naso, neziseningizimu zikhombisa ukukhula kakhulu, okudinga ukuthi kuqhubeke ukuthi ziqhakanjiswe ukuze ubonakale kahle umehluko eziza nawo,” usho kanje.

IMenenja jikelele yophiko lwezokumekatha lwe-Ezemvelo KZN Widlife uNksz Siphelele Luthuli yena uthe: Sibheke ukuthi izintaba zokhahlamba ziqhubeke nokudlisa ezivakashini zethu, kanjalo nezinye izindawo esigabe ngazo ezinothe ngemvelo, futhi sesikulungele ngayo yonke indlela ukwamukela izivakashi zethu ngalesi sikhathi samaholidi kaDisemba noNcibijane.”

Abakhonze amanzi, wukubhukuda nokunye kokuzijabulisa okweyamene nalokho nabo babhekelelwe kakhulu ngalesi sikhathi ukuze bajabule ngokwanele nangokuphelele.

Lokho kushiwo wuNksz Thandeka Magomola, wophiko lwezokumaketha lwe-uShaka Marine World, othembise ukuthi bazosebenzisana ngendlela efanele noMasipala weTheku ukuqikelela ukuthi izivakashi ziphatheka kahle kusukela zifika, zize zigoduke zingathiywanga yilutho.