Ezokuvakasha Phola EKZN

Inanda inothe ngokuningi, ungethuswa wubugebengu: abantu abasha

Simangaliso Ntshangase|Published

I-TOUR Guide, uMnuz Sanele Mvuyane, efundisa izihambeli ngomlando kwenye yezindawo zezokuvakasha eseNanda, eThekwini, ngoLwesine

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

UKUQAPHELA ukuthi elinye lamalokishi adumile aseThekwini, Inanda, ihlale isematheni ngezigameko ezingezinhle, kwenze intsha - yakuleli lokishi ekhuthalele ukulibona liqhakambiswa ngemisebenzi emihle eyenziwa nezinto ezinhle eligabe ngazo - yaqala umkhankaso wokugqamisa okuhle kodwa, abanye abantu abangakwazi ngalo.

Lokho kwenzeke ngoLwesine, ngenkathi inhlangano yezokuvakasha engenzinzuzo ezinze kule ndawo i-INK Tourism, yenza umcimbi wohambo lwezokuvakasha wokugqamisa izindawo ezahlukene ezakhele inhlanganisela yamalokishi ase-INK; okuyiyo Inanda, iNtuzuma neKwaMashu - ukuze kubonakale okuhle okukhona kulama lokishi, asezakhele igama elibi emphakathini ngenxa yezigameko ezingapheli zezenzo zobugebengu kuwona.

Umjikelezo walolu hambo usukele eThekwini, kwayiwa elokishini KwaMashu, kwanqanyulwa futhi kuzungezwa kuwona naphakathi nawo ukukhombisa ubuhle bawo. Kusukwe lapho kwayiwa eGandhi Settlement, ePhoenix, enothe ngomlando wale ndawo - futhi uveze nokuthi qhaza lini elabanjwa wumholi nesishoshovu sezepolitiki uMahatma Gandhi, nokuthi ukubambisana kwakhe nabaholi bezepolitiki kwaba namthelela muni kwezepolitiki yezwe. Kuyo futhi le ndawo kunezizindalwazi ezingaphakathi ezikhombisa futhi zichaze kabanzi ngomlando woMqaliwendlela, uMphrofethi u-Isaiah Shembe, ongumsunguli webandla lamaNazaretha.  Kuphinde kube nabanye abaholi bezepolitiki okubalwa uBertha Mkhize, iNkosi u-Albert Luthuli nabanye abaholi bezombusazwe.

INDAWO yezokuvakasha nesigcinamagugu somlando wezwe eseNanda, iDr JL Dube Heritage Institute

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

INDAWO yezokuvakasha nesigcinamagugu somlando wezwe eseNanda, iDr JL Dube Heritage Institute

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Kuvakashelwe naseDr JL Dube Heritage Institute, engaphakathi esikoleni samabanga aphezulu Ohlange High eNanda, eyakhiwa ngowaba ngumengameli wokuqala we-African National Congress, uDkt John Langalibalele Dube. Kuvezwe ubuhle nokunotha komlando okulesi sigcinamagugu somlando wale ngqalaubutho yezepolitiki, kubalwa nalapho afihlelwa khona namalungu omndeni wakhe. Kube yilapho okwavotela khona owaba ngumengameli wokuqala wohulumeni wentando yabantu, uDkt Nelson Mandela (naye ongasekho emhlabeni).

INDAWO yezokuvakasha nesigcinamagugu somlando wezwe eseNanda, iDr JL Dube Heritage Institute

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

INDAWO yezokuvakasha nesigcinamagugu somlando wezwe eseNanda, iDr JL Dube Heritage Institute

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Lolu hambo luphelele kwenye yezindawo zezokuvakasha ekhona futhi eNanda, iKilborne’s Nest, evame ukuvakashelwa ngabasuke benza imicimbi eyahlukene okungaba yimishado nokunye okweyamene nalokho kokuzijabulisa. Le ndawo igqize ngotshani obuhle noqekelele webala lokushuthela izithombe kulona nezihlahla okuheleza umoya opholile kuzo.

ISIKOLE samabanga aphezulu Ohlange High, eNanda, esigqize ngomlando wezepolitiki yakuleli zwe

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

USihlalo we-INK Tourism, uMnuz Mel Ntombela, uthe bekubakhathaza ukubona la malokishi egqama ngendlela engafanele nengeyinhle ekubeni kube kukuningi okuhle - ikakhulu izindawo zezokuvakasha nezomnotho ezikhona - okufaka imali emnothweni wesifundazwe.

“Kusemqoka ukuthi bahambele lezi zindawo zakula malokishi ngoba zinothe ngolwazi oluningi lwezomlando, abantu abaningi abangawazi futhi abangazi lutho ngakho nokuthi ukuzihambela kungasiza ukuthi kwande umnotho ongenayo ngazo. Kanti futhi besifuna nokuqeda le nto yokuthi amalokishi ethu aziwe ngezinto ezimbi kuphela, okugcina kucisha okuhle okukhona nokwenzekayo kuwona, yingakho senza uhlelo olunjena nesizoqhubeka nalo lize lingene ngokuphelele ebantiwni ivangeli esilishumayelayo,” kusho uNtombela.

ENYE yezindawo zezokuvasha enothe ngomlando wezwe iGandhi Settlement, ePhoenix, enyakatho yeTheku

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

ENYE yezindawo zezokuvakasha enothe ngomlando wezwe iGandhi Settlement, ePhoenix, enyakatho yeTheku

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Umlingisi, umbhali nomqondisi wemidllalo yeshashalazi neyethelevishini, uBongani Mbathwa wakhona KwaMashu esigcemeni sakwa-K - naye obekhona kulolu hambo - uphosele ozakwabo inselelo yokuthi bakhuthale ukusebenzisa la malokishi ngemidlalo abayikhiqizayo.

“Lokho kuzosiza ukuthi kuvele ubuhle bazo futhi kusabalale ebantwini abaningi, okungenzeka ukuthi abanye babo kabazi ngazo. Okunye engikugcizelela kakhulu wukuthi uma sesixoxa izindaba kulezi zindawo noma ngazo, akube yizindaba ezinhle neziveza okuhle ngazo ngoba sekukaningi kuvela isithombe esibi ngazo,” kusho uMbatha.

INDAWO yezokuvakasha okwenzela imicimbi kuyona iKilborne's Nest, eseNanda, enyakatho yeTheku

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Usomabhizinisi waseNanda, uMnuz Maurice Makhathini, wendawo yezokuvakasha iKilborne’s Nest, naye ugcizelele ukuthi ukuqinisa nokukhuthaza imikhankaso efuze lona kungasiza kakhulu ukudweba isithombe esihle ngamalokishi aseThekwini, okuzosiza ukufukula bona bengosomabhizinisi futhi kuzinzise umnotho weTheku nowesifundazwe.

INDAWO yezokuvakasha okwenzela imicimbi kuyona iKilborne's Nest, eseNanda, enyakatho yeTheku

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

“Kubi futhi kusiphatha kabi ukuthi amalokishi ethu asedume ngobugebengu kuphela, kangangokuthi izinto ezinhle eziningi ezenzekayo kuwona zigcina zingasanakeki ngakho sizibona sisahlalelwe wumsebenzi omkhulu wokuqeda konke lokho ngokubambisana kubhekwe phambili, futhi ngikhuthaza intsha ukuthi nayo ibambe iqhaza kulokhu ngokuthi ikhuthale ukuphucula amakhono nemisebenzi yezandla ukuqeda indlala. Lokhu kuzosiza ukuthi enye yayo igcina yenza izinto ezingalungile ukuziphilsa,” kusho uMakhathini.