Ezokuvakasha Izithombe

IBeach2Bush ibeka ebalazweni ubuhle bezemvelo

Nonkululeko Nhlapo|Published

EZEMVELO KZN Wildlife nomkhankaso wokuheha abantu ukuba bangagcini olwandle kuphela kodwa bangene naseziqiwini babone ubuhle bemvelo

Image: Isimangalaso Wetlands Park

I-Ezemvelo KZN Wildlife inyuse izinga ngokusungula uhlelo oluhlukile lomzila oxhumanisa ubuhle bezindawo ezisogwini nobuhle bemvelo obugqamisa namasiko ngomkhankaso wabo omusha, i-Beach2Bush. Lo mzila ukuthatha ogwini olugudla ulwandle i-Indian Ocean ngaseSt Lucia-iSimangaliso Wetland Park, uyokufaka phakathi emakhaya unganena eHluhluwe-iMfolozi Park, okuyisiqiwu esidala kunazo zonke e-Afrika.

"I-Beach2Bush yakhelwe zonke izinhlobo zezivakashi ezithanda ukungcebeleka, ukunakekelwa kwezemvelo, ukujabula nemindeni, abafundi bezikole, amathimba ezinkampani. Inikeza ithuba lokubona izindawo eziningi zemvelo ezihlukahlukene nokuhlangenwe nakho kohambo olusekelwe emanzini nasemhlabeni," kusho u-Ebrahim Mulla, oyi-Commercial Operations Executive kwa-Ezemvelo KZN Wildlife.

“Ithuba lokubona i-KZN ngendlela ehlukile, uthokozela ubuhle bayo bemvelo, izilwane zasendle kanye nomlando wayo.”

Umzila uqala eHluhluwe Imfolozi Park eHilltop, okuyisiqiwi esake saba yinkundla yeSilo uShaka kaSenzangakhona ngeminyaka yo-1895, kanti namuhla sidlala indima ebalulekile ekongiweni kwezilwane zasendle, ikakhulukazi ekuvikeleni obhejane. Lesi siqiwu sihlanganisa amahektha angu-96,000 futhi kuso kutholakala izilwane zase-Afrika ezaziwa nge-Big Five futhi kukhona nezinye izilwane okubalwa kuzo indlulamithi, ingulule, izingwenya, izimvubu, izinja zasendle, kanye nezinhlobonhlobo zezitshalo.

Izivakashi zingahambela izindawo ezinomlando ojulile weNkosi uShaka, lapho ayehlanganisa khona ibutho lakhe ngedili likamkhipheni, nalapho ayebhaca khona evika izitha zakhe.

ISt Lucia yindawo enobuhle obukhethekile obuhlanganisa ulwandle oluhle, isiqiwi ongangena kusona ngamasango ahlukene kanjalo nama-resort anazo zonke izinto ezingathokozisa imindeni ngobukhulu bayo.

Image: Isimangaliwo Wetlands Park

Ukusuka ehlathini, umzila udlulela ogwini lwase-St Lucia e-iSimangaliso Wetland Park, lapho izivakashi zizothola khona isifundo ngamahlathi asogwini, amachibi omfula, namabhishi amahle ngokwedlulele. I-iSimangaliso iyiNdawo ye-UNESCO yaMagugu Omhlaba futhi ikhaya lezinhlobo zezitshalo nezilwane ezingaphezu kuka-6,500, okuhlanganisa izidleke ze-leatherback tortles, izimvubu, kanye nezinhlobo zezinyoni ezingaphezu kuka-500.

Izindawo ongazivakashela uma uhamba ngalo mzila:

Endleleni, izivakashi zizoma ezindaweni eziningi ze-Ezemvelo KZN Wildlife, okuhlanganisa:

  • I-Hilltop - yokulala ekufaka phakathi ehlathini, le ndawo ihlukene kabili, kukhona enamaumbi okulala (chalets) lapho ofika-khona negiloza yakho niziphekele njengomndeni, abangani, izithandani, noma igumbi elingenazo izinsiza zokupheka okuchaza ukuthi nizodla ezitolo nibuye ngokuzolala.
  • I-Game Capture Museum - elandisa ngomlando wokuphathwa kwezilwane zasendle e-Afrika.
  • Uhambo lokubona izilwane esiqiwini uholwa yi-tour guide, noma uzishayelele imoto yakho uqikelele ijubane nemigomo nemibandela ebekiwe.
  • IMaphumulo Picnic Site- isizinda somlando lapho umuntu angalandela inyathuko yeNkosi uShaka kaSenzangakhona
  • EMagangeni View Point lapho ongajabulela khona iziphuzo ezimnandi ubuka imvelo ntambama.
  • Esiweni Samakhosikazi lapho ungajabulela khona i-open air brunch noma ama-picnics.
  • I-St Lucia Estuary Boat Cruise uhambo lokubona indawo nisesikebheni, lolu wuhlelo oluthandwa abaningi abavakashela kule ndawo uvakashele nendawo ehlala izingwenya

Kuningi okungenziwa yizivakashi okunye kwenzeka ngaphakathi endaweni obhuke kuyo nasedolobheni, kukho konke sisodwa nje vo isiqiniseko ozokuba naso, ubumnandi kuphela!  

Bajabula bodwa abathanda izilwane ngoba uhambo lwasesiqiwini lukusondeza eduze nalo lonke uhlobo lwesilwane eSimangaliso Wetlands Park

Image: ISimangaliso Wetlands Park