ULootlove wenze ezibukwayo ngenqephu ehamba phambili
Image: X/Nozipho
BEBEBAHLE bedelile osaziwayo emcimbini wakulo nyaka wamaMetro FM Awards enkundleni iMbombela, eMpumalanga.
Izintokazi ebeziphethe uhlelo ziqinisekise ukuthi zikhipha unyawo ngengqephu yesimanje nengajwayelekile.
ULootlove obephethe uhlelo, ushiye abaningi bedidekile ngemiswenko yakhe ehlukene abeyishayile, kukhona okuhle ngokumangalisayo, okunye abantu bathi chooo uxamu ugeje umgodi kanti kokunye bathi hhay ubekopela kuzakwabo ongumethuli wezinhlelo uBonang Matheba. Konke lokhu kufakazela iqiniso lokuthi abasiki bengqephu balinyusile izinga, bashaya uthula msindo.
Nazi izithombe zabanye osaziwayo abebekhona abashaya imisiko ethokozise abaningi.
Ushiye abantu belangazelela ukubona okunye okuningi ngemiswenko yakhe uLootlove obephethe uhlelo lwamaMetro FM Awards eMpumalanga.
Image: X
UFocalistic uthibe amakhaza ngebhantshi lakhe elihle elimhlophe
Image: x/nozipho m
UThato Immaculate uphenduke igolide ngalo msiko
Image: X/Nozipho M
USupta uthi usibone kahle isimemo sithi ukhaphethi omnyama,
Image: X/NOZIPHOM
Intokazi yakwaMlambo uMpumi, iqhakambisi isitolo sikaDJ Zinhle ngezinwele zekhethelo
Image: Mpumi Mlambo
Umsakazi wohlelo lwasekuseni kuMetro FM eshaye isudi emnyama
Image: X/Nozipho M
Intokazi yaseNewcastle u-Anele Zondo ibishaya ngengubo e-nude yamukela izicukuthwane ku-Black Carpet
Image: Anele Zondo/X