INKUNDLA eyazakhela umlando ngokuba yishashalazi lomdlalo wamanqamu phakathi kwe-Spain neNetherlands ngeNdebe yoMhlaba ka-2010, izobe iyisigcawu sokududulana kwezinkunzi zakuleli, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kusasa. Sikucoshele izithombe zala maqembu maphakathi neviki ngesikhathi ezilolongela le ndumezulu yomdlalo weBetway Premiership ozoqala ngo-3.30 ntambama kusasa.
Izithombe: BACKPAGEPIX
UKAPUTENI weZimnyama, u-Innocent Maela, akasabalwa namagama aqavile kuleli qembu kodwa kuyaziwa ukuthi amava akhe ayawenza umehluko uma kufika umdlalo omkhulu njengowakusasa. Lapha ubesejimini ezinsukwini
NOPASEKA Mako ubengazibekile phansi ejimini yePirates yize esakhuhla ibhentsi. Kwazi bani, mhlawumbe ucilo ungazishaya endukwini adlale kusasa.
BABODWA abazothi “Bopha Bhakabhaka”, abanye bethi “Ukuthula noXolo” njengoba kukhombisa u-Innocent Maela, Tshegofatso Mabasa be-Orlando Pirates noYusuf Maart noMduduzi Shabalala beKaizer Chiefs ngesikhathi besesithangamini nabezindaba eSoweto Theatre, izolo. Isithombe: ©Sydney Mahlangu/BackpagePix
LUKHULU olulindelwe kula madoda, uJose Riveiro oqeqesha i-Orlando Pirates noNasredinne Nabi ocija iKaizer Chiefs. Izolo bathole ithutshana lokufiselana inhlanhla esithangamini eSoweto Theatre Isithombe: © Sydney Mahlangu /BackpagePix