Ezokuvakasha Izithombe

Izithombe zempelasonto

Thokozani Ndlovu|Published

BEKUKUHLE kudelile ngesikhathi amaciko ecija abafundi ngamakhono okuloba izinkondlo nokulingisa e-Anew Hotel, eWitbank, eMpumalanga. Kwesokunxele nguVusumuzi Zikalala, Cebo Ngema, Apostle Mthobisi Makhathini, Thulani "Yeyeye" Gumede, Ntokozo Ngcobo noSbongimpilo "Pepi" Ngobe Isithombe: SITHUNYELWE

UBUMNANDI buseMax’s Lifestyle Village, eMlaza njalo ngezimpelasonto Isithombe: INSTAGRAM
UTHULI Zulu nezingane ebezizimazise indodakazi yakhe uNandipha egubha usuku lokuzalwa njengoba ebehlanganisa unyaka ezelwe Isithombe: THOKOZANI NDLOVU
UDUDU “Lady D” Khoza nabanye babangani bakhe obesingethe umcimbi iHigh Tea with Lady D, eMaqaqa Exclussive Lounge Isithombe: INSTAGRAM
UREBECA Malope, nabasebenzi bakhe ancoma ukuthi bahlala bekhipha unyawo ekuhleleni imicimbi yakhe Isithombe: FACEBOOK

BEBEVUNULE beconsa abalingisi boMkhokha oNelisiwe Sibiya noDeli Malinga emcimbini wakwaNgubane, eMandeni isithombe: FACEBOOK