SEKUCACELE noma wubani ukuthi iziphaqulo yinto ongeke uyihlukanise neningi labesifazane futhi sekuvule namathuba omsebenzi kwabaningi.
Eminyakeni edlule kubonakale kungenisa kakhulu neziphaqulo ezigabe ngemibala egqamile okubuyise ukuzethemba kwabesifazane abaningi abaziphaqulayo.
Muva nje sekubonakala kuya kuba nebohlololo ngokuziphaqula ngemibala egqamile futhi nongoti bathi maduze nje kuzophela kubuyelwe eziphaqulweni zemvelo.
Ungoti wezokuzicwala uNksz Slindile Zondi weRoyal Aura, uveza ukuthi iziphaqulo eziningi ezisetshenziswa kakhulu kusukela kule sizini eziyimvelo, zigabe ngemibala ezothile.
Sesiside isikhathi abantu beziphaqula besebenzisa ngemibala egqamile okuke kwaduma ngisho ubuso boqhakaza obekuthiwa yisihlanu.
"Abantu bakhathele manje yimibala egqamile.Wonke umuntu ufuna ukuhlaba ikhefu, okwenza abantu abaningi benze iziphaqulo ezibizwa nge-soft glam.
Imibala ezothile yiyona esetshenziswayo manje kodwa akusho ukuthi kuyona ayikho egqamile umehluko wukuthi akusefani nebigqama uzale kude," kusho uNksz Zondi.
Ephetha uveze ukuthi isikhumba sobuso sidinga ukunakekelwa ngokucophelela ngoba nazo iziphaqulo zinomthelela omuhle wokugqamisa ubuhle kanjalo nongemuhle esikhumbeni.
UNksz Zondi uthe isikhumba singahlukumezeka uma ukhonze ukusebenzisa iziphaqulo ngendlela engafanele noma ungagcobanga imikhiqizo yokuvikela isikhumba kuqala. Ngaphandle kokugcoba noma sewulala, ongoti bathi akumele wenze iphutha lokulala neziphaqulo esikhumbeni.
Indlela efanele yokuziphaqula
-Uqala ngokuhlanza ubuso bakho ngohlobo lwemikhiqizo oyisebenzisayo ehambisana nesikhumba sakho, ngokusizwa wongoti. Uma sewukwenzile lokhu faka i-sunscreen cream ekuvikela emisebeni yelanga okumele uyisebenzise ihlobo nobusika.
-Sewungaqala manje ulandelise ngalokho okubizwa nge-primer endlalela iziphaqulo ezenza zinamathele kahle ebusweni futhi zihlale usuku lonke.
-Landela nge-foundation yakho nayo kungabi ngokulandelana ne-concealer elekela ukumboza kahle izishishi, amabala nezibazi ongeke wathanda zivele uma uziphaqulile.
-Usungafaka i-blush noma i-bronzer yakho enemibala ezothile kodwa iningi lawo agabe ngoqhakaza.
-Ipeni lamashiya eli-brown nelimnyama lezinkophe nalo liyakwenza ubukeka kahle uma usebenzise imibala efanele.
-Ngaphezulu sewungalula izinkophe zakho ngokuzikama nge-mascara.
-Uma ukhonze nokusebenzisa ama-eye shadow, okuyimibala ebhixwa phezu kwembulunga yeso ulivalile, ikhona neyemibala yemvelo ebizwa nge-nude, coral neminye ehambisana nemvelo.
– Izinkophe zokufakelwa, ama-lipsticks agqamile nawo aseyisitayela futhi asayingxenye yeziphaqulo zamanje.