UKUHLALA eqhulula amahlaya eqopha nezingoma zamancoko kwenza kube nzima ukuthi abantu bamukela noma esenza umsebenzi wangempela uthisha ongusomahlaya.
UYamkela “King Nuba" Nuba waseMzimkhulu muva nje uvumbuke ngelebuli yezimpahla zokugqoka iFake kanjalo newayini i-Ezweni Wine. Yize engene kulo nyaka emabhizinisini nangaphezu kokuthi uyaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kodwa abantu bacabanga ukuthi usaqhuba amahlaya futhi konke akwenzayo uma ekhangisa kusuke kuwumdlalo.
Echazela leli phephandaba uKing Nuba, uthe ngisho ekhaya azalwa kulo sebekuthola kunzima ukuhlukanisa uma edlala noma ekhuluma into yangempela.
"Ngibhekene nenkinga enkulu yokuthi abantu abasakwazi ukungikholwa uma ngikhuluma ngento yangempela futhi ngikhangisa ibhizinisi. Izimpahla zokugqoka zikhona ngiyazidayisa. Okwenze ngasebenzisa igama elithi Fake yingoba ngifuna kube ilebuli abantu abaziqhenya ngayo. Isikhathi esiningi abantu bahlala bejovwa ngokugqoka umkokotelo, manje sebenelebuli yabo abadingi ukugqoka amalebuli abizayo ngikhona," kusho uKing Nuba.
Mayelana nebhizinisi lewayini, uthe akaligayi yena kodwa kunenkampani yowesifazane omnyama asebenzisana nayo eCape Town okuyiyo omkhiqizelayo.
“Alikho ibhizinisi engangihlele ukulenza, ngingasho ukuthi konke kungifikela njenge sibonakaliso bese ngiyakwenza. Ngewayini ngabona indlela abantu abaphuza ngayo noma ngabe yini ephambi kwabo bagcine bebhuquza balale nasezindaweni zobumnandi. Ngibenzele iwayini ngoba ngifuna baphuze ngendlela ehlelekile behlise nezinkinga zomjolo," kusho uKing Nuba eshaya incoko.
Kuzokhumbuleka ukuthi yize edume ngamahlaya kodwa ufunde wagogoda kwezobuthishela. Ebuzwa ngakho, uveze ukuthi sekuyophela unyaka ezama itoho.
"Ngikweleta izizumbulu zemali engafunda ngayo kodwa angikalilahli ithemba. Ngiyaqhubeka nokuzama isikole. Izifundo engingathanda ukuzifundisa kakhulu izibalo, isayensi nezobuchwepheshe kodwa ngiyakwazi nokufundisa nezinye. Angisho ukuthi ngiyakhetha," kusho uKing Nuba.
Ephetha, uveze ukuthi ukusebenza nodado ngezinye zezinto azikhonze kakhulu futhi usazimisele ukuqhubeka aqophe nabo izingoma. Kuzokhumbuleka ukuthi kunengoma eyadla ubhedu ayiqopha nodado ethi Akazange Alahle Ithemba.