IZICATHULO ngenye yezinto ezingakumoshela usuku lwakho emcimbini omkhulu ikakhulu owengqephu. Lokhu kungadalwa izinto eziningi njengokuthenga isicathulo ngayizolo bese uvuka usigqokela umcimbi. Ongoti bezemfashini bathi IHollywoodbets Durban July (HDJ) ithatha usuku lonke imicimbi yakhona futhi namatende, izindawo zokupaka nokunye kuqhelelene.
Ukubalekela ukonakalelwa usuku lwakho, kumele ube nesicathulo esisezingeni kodwa esizokwazi ukukuthwala usuku lonke futhi sihambisane nenkathi yonyaka. Uma ungakwazi ungaba ngisho namapheya amabili njengoba lisuke lifudumele emini bese ushintsha uma kushona ilanga sekuheleza nomoya obandayo. Iningi lezicathulo ongoti bathi liyangena khaxa kwi-Out of This World.
Uhlobo lwezicathulo ezizobonakala kakhulu ngokongoti
-Amaqhoks kwabesifazane ashaya ngemihlobiso ewubulivilivi okungaba izimpaphe noma izinsimbi ezilengayo.
-Kulabo abazobe besebenzise imisiko yesintu kulindeleke ukuthi bagabe ngezicathulo ezihlobe kahle ngobuhlalu noma izindwangu ze-african print.
-Ama-boots agamanxa emathangeni nawo kuthiwa awulungele lo mcimbi futhi angase abonakale kwabaningi njengoba kuwubusika ikakhulu emicimbini yasebusuku.
-Abesilisa bangagqoka ama-boots ashaya emaqakaleni noma amade kuya ngokuthi uthandani.
-Izicathulo zabesilisa ezidlisa ngesikhumba sezilwane ezahlukene, izinsimbi, izimbali ngezinye zezicathulo ezingena kahle.
-Imihlobiso yothayi, amawashi, izigqoko nemigexo ngenye yezinto ezizowenza umsiko wowesilisa ube sezingeni eliphezulu.