IBENESASASA imisiko yakamuva yezishweshwe eyethulwe wumculi wakuleli owaziwa kakhulu nangengqephu. UNhlanhla Mafu weMafikizolo nengqephu wethule izishweshwe zesimanje ngaphansi kwelebuli i-Official NNVintage.
UNhlanhla uchaze izishweshwe zakhe ngokuthi zenziwe zaba sezingeni lomntakabani zihloniphekile futhi zenza owesifazane abukeke emuhle ngokwesintu.
Kuyinyanga yabesifazane, uNhlanhla uthe imisiko yakhe iyingxenye yenyanga yabesifazane, ahlose ngayo ukuhlonipha unina abonakala naye kwezinye zezithombe eswenke econsa ngezinye zezishweshwe,
"Ngamukela inyanga yabantu besifazane ngezishweshwe ze-Official NNVintage okuzoba yimisiko ebaliwe, ngenhloso yokuhlonipha umama wami u-Elise Gadifele Mafu," kusho uNhlanhla ekhasini lake le-Instagram. Abantu bazithakasele kakhulu izishweshwe, okubalwa nabanye bosaziwayo.
Umhele ogabe ngendwangu yesishweshwe, ngenye yezinto eyenza lo msiko wehluke futhi ubambe isitayela sasendulo nesamanje, okuyinto ongoti bezemfashini abagxila kuyo kulezi zinsuku ngeyesintu.
Akagcinga lapho uNhlanhla, ubesefaka nenkondlo ekhuluma ngobuhle bowesifazane nayo ebageze igilo abantu.