SITHELEKE e-UK kwezwakala isihlabani somculi wokholo saseNingizimu Afrika nesaziwa kakhulu ngengqephu.
UWinnie Mashaba ongomunye wabaculi abanamava kowokholo, uhlanganyele nabanye ozakwabo eDunstable Conference Centre nokuyingxenye yohambo lwakhe lwase-UK oluhlelwe ngabeBimma Entertainment.
Useqalie ukuthola udumo kwizakhamizi zase-UK kanti uphinde wanikeza nabalandeli bakuleli ithuba lokumbuka bukhoma ezinkundleni zokuxhumana.
UWinnie uchaze uhambo lwakhe njengento eyisibusiso esivela kuNkulunkulu nokwenza angasuki kuYe nasezwini laKhe.
"Ngihlala ngisho angisoze ngayeka ukukudumisa Nkulunkulu. Ubani owayengasho ukuthi owesifazane ofana nami angaphakama kangaka," kuloba uWinnie.
UWinnie ungene nangomsiko we-UD Fashion House okungenye yamalebuli ahamba phambili kwezengqephu eNingizimu Afrika nakwanye amazwe.
Ukuqhakambisa imisiko yabathungi bakuleli ngenye yezinto lo mculi akholelwa kuyona nokufakazelwa yizingubo ahlala ezigqokile ngisho ecula kuleli. Ukubonakala nalo msiko phesheya kwezilwandle kubachazile abantu bakuleli.
"Waze wamuhle sisi, usikhonzele kwelase-UK," kusho uNely Skosana.
"Umuhle kakhulu, ingubo, umculo wakho. Konke kuhle ngawe," kuncoma uJoree Jorky Jerokee.