IZITAYELA noma zifika zishintshana kwezemfashini kodwa iqiniso lithi kunabantu abajulayo uma bezogqoka nabafuna ukwehluka eningini.
Lokhu kusho ukuba nomsiko wakho osezingeni eliphezulu futhi ozokwenza unyathele kubonakale uma useningini, noma ngabe nishaya ngesitayela esithi asifane.
Imisiko emisha yehlobo yeWanda Wear, ngokubambisana neBailebyb eyaziwa nge-Unknown yize kusabalwa izinyanga yethuliwe kodwa sekucacele noma wubani ukuthi idla ubhedu kuleli hlobo.
Umculi wakuleli uWanda Baloyi, osungule iWanda Wear nyakenye uveze ukuthi okwenza lezi zimpahla zidlisele ezinye ogageni wukuthi ngokwezinga lezemfashini sekuyisikhathi sokuthi abantu bagqoke sakuba namalebuli athi bona.
I-Wanda Wear ngokubambisana neBaileby, uWanda uthe, ifuna abantu bakwazi ukugqoka ngokukhulu ukuzethemba ngohlobo lwezitayela ezifanele imizimba yabo futhi abazikhethele yona.
"Indwangu, umbala, isakhiwo somzimba kubalulekile ngoba kwenza ukuthi noma ugqokile uzizwe umsiko ukuhleli futhi kuyilona ozikhethele wona ngesitayela osithandayo.
La malebuli afuna ukunikeza abantu leyo nkululelo noma ugqokile wazi ukuthi uyafaneleka futhi nomzimba ukhululekile kwazise kuyashisa manje," kusho uWanda.
Yize kuyihlobo kodwa ikhona nemisiko ekwazi ukuthi ihambisane nesimo sezulu esibuye siguqubale, noma kunetha ngezinye izinsuku.
Imisiko eyahlukene elungele imicimbi yasebusuku, imishado kanjalo nepholile yokuzikhipha ngezinye zezimpahla ezikhishwe yila malebuli ngokubambisana.
Ezinkundleni zokuxhumana le misiko ivele isidla ubhedu kwabesifazane okulindeleke ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ibonakale kweminye yemicimbi yezemfashini njengoba kwenzeka kwamanye amalebuli.
La malebuli womabili iWanda Wear neBailebyb kulindeleke ukuthi athule imisiko yasolwandle ngenyanga ezayo. Maduze nje azophinde athule imisiko ehlukene yabesilisa ngokubambisana.
Ephetha uWanda uveze ukuthi yize esenonyaka kwezengqephu futhi engakufundelanga kodwa kuyamjabulisa ukuthi amasu alala avuke nawo ngokukhulisa ilebuli yakhe ayamukeleka kubathandi bengqephu.