ZIZOSHIYANA ngomshefezo emqhudelwaneni wemfashini yamabhinca ngoMgqibelo kusukela ngo-9 ekuseni, eCurries Fountain Stadium, eThekwini.
Kulo mncintiswano obizwa Ngezo Yamajongo, kuzobe kubangwa isiteki sikaR30 000. Umgqugquzeli womcimbi uSizakele ‘Sizah’ Sibiya, uthe ozodla umhlanganiso uzokhala amuke nesamba sikaR20 000 bese olale isibili athole uR10 0000.
"Amagama amaqembu aqhudelanayo kulo mncintiswano yiNgezo Kazwelonke, Izinqophamlando, iBig 3 Izisusamsindo, Amaqabunga, EzeMeaning of Africa, Odlula Bebhejile neZisusamsindo ZeGcokama." USizah uthe sekungunyaka wesibili ehlela lo mcimbi futhi sewuzoba khona minyaka yonke.
"Inhloso ngawo ukuqhakambisa isintu sethu, ukungakhohlwa ukuthi singobani, sivelaphi nenhlanzeko kumabhinca."
USizah uthe imfashini yesintu uyayithanda kakhulu.
"Kuyinto esegazini kimi kodwa umuntu owenze ngibone ukuthi ngingawahlanganisa amabhinca, nawo ebe nento yawo ehlukile futhi engeyesintu, uMthokozisi Zondi wasoLundi, eNdayi. Ngibonga ukubambisana okuphakathi kwethu silithimba okwenza ukuthi lo mcimbi ube yimpumelelo okunguBongiwe Sibiya, Nelly Dladla, Ntezimnandi Sibiya, Dr Life Khumalo, Kiss Before Biyela, Nkomozombango noSakhile Gxumisa."
Esephetha uSizah uthe kulindeleke ukuba kutheleke nezintombi zoMhlanga, eziqhamuka ezindawen ezihlukene ezizobe ziviliyele kahle ngalo ilanga lomcimbi futhi zicula namaculo esintu.