KUZOKWENZEKA okuhlukile emcimbini wegqephu njengoba kuzokhangisa umsiki oyedwa ngemisiko ewu-100 ngempelasonto.
UMxolisi Mkhize weHouse of Saint Luke, uzoba nomcimbi okulindeleke ukuba ube yindumezulu wengqephu e-Amphitheater, eNorth Beach eThekwini, ngoSepthemba 23 ozobizwa ngeHouse of Saint Luke Fashion Show.
Umcimbi okulindeleke ukuthi uhehe izinkumbu zabantu futhi uzovula amathuba emsebenzi antulekayo kuleli.
Echaza ngeHouse of Saint Luke uMxolisi Mkhize, uthe uhlele ukunikeza kakhulu ithuba intsha esakhula efisa ukuba yingxenye yomcimbi wengqephu.
Izikole ezahlukene zivamile ukuhambela le lebuli kucotshelelwe abafundi ngengcindezi ehambisana nokuba semkhakheni wezemfashini kanjalo nezokungcebeleka.
"Siqashe nabesifazane abathathu abathungayo, abaphelelwe wumsebenzi ngesikhathi kudilizwa ezindaweni ziningi ngeCovid 19. Bayalekelela ngale misiko ewu-100 elungiselwa umcimbi," kusho uMxolisi.
Ukwenziwa kwemisiko ewu-100 kusho ukuthi bawu-100 nabakhangisi bengqephu abazothola ithuba lokusebenza emcimbini.
UMxolisi ungomunye wabasiki bengqephu esebenamava ababa yingxenye yemicimbi emikhulu yezemfashini.