UKUZIPHIHLA ngemibala egqamile bekuyinto abantu abaningi abakhonze ukuyenza ehlobo lapho kusuke kuqhakaze kahle nezihlahla. Muva nje kubukeka itshe ligaya ngomunye umhlathi njengoba kulobu busika idida unwabu imibala egqamile.
Lokhu ongoti bezemfashini bathi sekwaba wumlando esikhathini samanje, imibala egqamile ayisakhethi sizini ungaziphihla ngayo ihlobo nobusika.
Ungoti wezemfashinni wakuleli, ohlonishwa naphesheya kwezilwandle, uNkk Sibu Msimang, uthe kusukela ngonyaka odlule imibala egqamile ibivele seyingenisile njengoba seyidla ubhedu kakhulu kulo nyaka.
"Ziningi izinto ezenza isitayela sigqame kakhulu kunezinye. Okwenzeka njengamanje kwezemfashini bekuvele kwenzeka amazweni aphesheya ngoba konke esikugqoka eNingizimu Afrika kususelwa ezitayeleni ezidlisa khona," kusho uNksz Msimang.
Eqhuba uthe okuhle ngemisiko yamanje nezitayela zakhona wukuthi azixwayani nokwenza nale mibala ibukeke kahle noma ngabe ayifani nse.
UNksz Msimang uthe abantu banezindlela ezahlukene zokugqoka futhi ukungenisa kwezinkundla zokuxhumana kwenze wonke umuntu wabona ukuthi kukhona nogqoka njengaye kwenye indawo.
" U-Tik Tok yiwona ogqamise kakhulu izitayela zabantu abehlukene. Okuhle ngawo ukuthi uhlanganisa abantu bamazwe ahlukene nabagqoka ngezindlela ezingefani.
Imibala egqamile sebeyakwazi ngisho abesilisa ukuyigqoka ngaphandle kokuzenyeza njengoba phambilini bebenokucabanga ukuthi ngeyabesifazane kuphela," kusho uNksz Msimang.
Ephetha uthe iningi lezitolo lisuke lihambisana ngqo nokusesitayeleni ngaleso sikhathi njengoba nemisiko yasebusika okungaba ekavolo namajezi yenziwe ngayo le mibala.
Lokhu ongoti bathi akulona iphutha futhi akuzogcina nje ngezimpahla zokugqoka kodwa ngisho amasokisi, izikhwama, izikhafu, amabhade, izicathulo nokunye okuningi kuzogaba ngale mibala.
Izithombe: FACEBOOK/INSTAGRAM