KUBOSHWELWE abasiki benqephu abaseqophelweni eliphezulu koweHollywoodbets Durban July kulo nyaka.
Laba basiki bengqephu bamenyelwe ukuba bazokhangisa imisebenzi yabo koweDurban Fashion Fair, nokungumbukiso wekhethelo ogqamisa abasiki bengqephu abaqala uhambo lwabo kulo msebenzi ngokukhangisa kuwo umcimbi wamahhashi.
UKathrin Kidger, Mxolisi Mkhize, Sibu Msimang noMadelain Clark badabuka eThekwini, kanti uJoel Janse van Vuuren ungowaseGauteng, bese kuthi uSadie Bosworth-Smith yena uphuma eKapa.
UBosworth-Smith, waqala ukuduma ngonyaka ka2014, ngesikhathi ewina indondo yomsiki wengqephu osemncane ngesikhathi eseyisitshudeni saseDurban University of Technology.
UMqondisi wohlelo lombukiso wefeshini, uTiffany Prior, uthe umsiki wengqephu ngamunye kwabayisithupha uyazi ukokulindeleke kuyena njengoba betsheliwe ngohlobo lwengqephu okumele balulungiselele umcimbi omkhulu.
“Abathandi befeshini bangalindele ubuhle bekhethelo. Abasiki bengqephu bayalithakasela leli thuba ngoba iHollywoodbets Durban July, iheha izithameli eziningi ngokusakazwa nokukhangiswa izinkundla ezahlukene zezindaba,” kusho yena.
Isiqubulo sakulo nyaka sithi, Out of this world, kanti abasiki benqephu kumele basebenze ngaso okwakha imisiko yekhethelo
UTiffany ukhuthaze abasiki benqephu ukuthi basebenzise ubuhlakani babo ukuchaza isiqubulo sakulo nyaka ngendlela yabo ehlukile.