UKUPHATHA ithawula eligabe ngemibala egqamile nelaziwa kakhulu njengelamabhinca bekuyinto ebukelwa phansi futhi ehambisana nokuthanda izinto. Muva nje le ndwangu isidlisa kakhulu kwezemfashini yemicimbi ephambili okubalwa nemishado neminye egabe ngosaziwayo nesintu.
IZulu Brides esinye sezitolo esigabe ngemvunulo yesintu esezingeni eliphezulu. Muva nje ishaya ngeziketi zendwangu yamabhinca, izikibha, ama-beret, amaduku nokunye okuningi. Umnikazi weZulu Brides uCeli Ntuli uveze ukuthi lezi zindwangu zihlukene kabili. Kukhona uhlobo olubizwa nge-satin kanjalo ne-mini matt.
"Isatin iyindwangu elula nongayigqoka kakhulu ehlobo, bese kuthi i-mini matt yona iyafudumala okwenza ukuthi ukwazi nokuthunga ngayo nezimpahla zobusika. Okwamanje abantu abaningi basayigqokela imicimbi yesintu kuphela kodwa ngokuya kokungenisa kwezitayela zizokwanda izimpahla zayo," kusho uCeli.
Eqhuba, uveze ukuthi iZulu Brides seyinohlobo lwendwangu yayo ngqo neyidayisela abasiki bengqephu abenza uhlobo lwemisiko engafani okubalwa izimpahla zokulala, i-streetwear, iziketi, amaphinifa neminye imisiko engenisile kwezemfashini.
"Ngiqhamuke nohlobo lwendwangu yami nephethini engizenzele yona kodwa ngabavumela nabanye abantu ukuthi bayithenge benze izimpahla ngamalebuli abo. Imfashini yesintu into enhle ngayo ukuthi ayiphuphi futhi nezindlela egqokwa ngayo ivumela wonke umuntu nokwenza kube nanemisiko yesilisa," kusho uCeli.
Ephetha uCeli, uveze ukuthi sekukhona namasokisi futhi kuningi okungase kuphele lo nyaka sekukhona, ikakhulu kulaba abakhonze ukuhambela imicimbi. Le mfashini uthe okuhle ngayo ayikhethile nezingane ezincane ziyangena ngohlobo lwemisiko yazo. Abesilisa nabo sebenazo izimpahla zabo ikakhulu izikibha, amathawula namajezi.