SEZIZOTHOLAKALA ezitolo ezinkulu zakwa-Edgars kuleli izimpahla zikadado wodumo lomdwebo weDanasoli. Lokhu kulandela ukuthi uMnuz Themba Mthembu nyakenye asungula izimpahla zikaDanasoli ngesasasa lomdwebo kaNhlalonhle Mazubane (6) ohlala esigodini saKwalangakazi eNhlungwane. Lezi zimpahla zodado zathatha abazali abaningi nokwaphoqa ukuthi kungagcini sekuyizikibha kuphela.
UMthembu uthe ngokwesivumelanwo sabo nabakwa- Edgars lezi zimpahla zizoxuba ezabafana namantombazane kusukela eminyakeni emibili kuya kweyishumi. "Lezi zindaba zingijabulise kakhulu ngoba mkhulu umsebenzi esengiwenzile bekungelula nokukhulisa nokuhlanganisa izinto kodwa kwenzeka. Simatasa manje nokuphothula zonke izinhlelo kuthi kuqambe kushaya u-Okthoba nezimpahla zibe sezikulungele ukungena ezitolo," kusho uMthembu.
Phakathi kwezimpahla ezilindelekile kubalwa amabhulukwe, izikibha, obhakha, izigqoko, odelela nezinye izitayela ezingaphansi kwale misiko. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bayachwaza selokhu kuvele lezi zindaba bazwakalisa indlela abajabule ngayo bethembisa nokuzithenga lezi zimpahla.
" Siyabonga kakhulu ukwenza leprojekthi ibe yimpumelelo," kusho uMvuselelo Mvuse Mkhize.
" Kwaze kwalenza usuku lwami lokhu," kusho u-Onkarabile Divine.
Uthisha kaNhlalonhle uNkk Nonhlanhla Dube waseSikhaleni owamdumisa washayelwa ihlombe ngothando lwakhe lodado nalo msebenzi kulandela ukusabalala kwamanye ama-video enabafundi bakhe. Namanje abantu balokhu bewatuse njalo amagalelo akhe bemfisela namathuba angcono emkhakheni wezemfundo.