KONKE sekumi ngomumo ngendumezulu yomcimbi oba minyaka yonke eThekwini, iHollywoodbets Durban July. Lo mcimbi womjaho wamahhashi uzoba senkundleni yamahhashi iHollywoodbets Greyville, ngoJulayi 1.
Idolobha laseThekwini lihambisana nezikhulu zakwaGold Circle bakuqinisekise lokhu ngesikhathi abasiki benqephu bekhangisa ngezingubo ezizobonakala kulo mcimbi, esithangamini sabezindaba izolo, eMhlanga, eThekwini.
Usekela-sihlalo wezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku, uNkks Philisiwe Ndlovu, uthe idolobha kulindeleke ukuthi lamukele abantu abangaphezu kuka-40 000.
Uthe idolobha nezakhamuzi angeke kusale ngaphandle, njengoba kulindeleke ukuthi kuhlomule ngethuba lokukhangisa amabhizinisi akhona emiphakathini eyakhele iTheku.
“Singakusho kugcwale ukuthi konke sekumi ngomumo ngamalungiselelo eHollywoodbets Durban July. Lo mcimbi uyinto esemqoka kithi njengezakhamuzi zaseThekwini, ngoba sithola nethuba lokuthi sizibonakalise ukuthi siphetheni edolobheni lethu.
Silindele abantu abangaphezu kuka-40 000 nokuthi kwakheke amathuba omsebenzi angaphezu kuka-1 000 nokuyinto enhle kakhulu. Sijabule kakhulu ukusingatha le ndumezulu yomcimbi,” kuchaza uPhilisiwe.
Eqhuba uthe ingqephu ingenye yezinto ezibalulekile kulo mcimbi yingakho bevulele nabasiki bengqephu abasafufusa ithuba lokuthi bazokhombisa ngomsebenzi wabo. Uqinisekise abazohambela lo mcimbi ukuthi ezokuphepha zizobe zimi ngomumo, ziqinisiwe.
“Abasiki benqephu abangaphezu kuka-160 bazohlomula ngethuba lokuveza umsebenzi wabo. Yonke imikhakha yezokuphepha emkhandliwini wethu izobe itshalwe kuzo zonke izindawo ukuqapha isimo. Endaweni yaseGreyville amaphoyisa angaphezu kuka-100 azobe etshaliwe ukuyoqapha isimo,” kusho yena.
Esinye sezikhulu zakwaGold Crcle, uMnuz Stephen Marshall, sithe kuyabajabulisa ukuthi emuva kweminyaka engaphezu kweyikhulu lo mcimbi usalokhu umile.
Isikhulu seHollywoodbets, uDevin Heffer, sithe kuyabajabulisa ukuphinde babe yingxenye yalo mcimbi. Siveze ukuthi amapanta angazibeka ethubeni lokuwina imali engangoR20 Million.