UKHUSIMUSI kubazali awuzi nje nengcindezi yemisiko yokugqoka kodado kodwa nezitayela ezigundwa emakhanda kanjalo nezilukwayo kwabanezinwele.
Izinwele zemibala egqamile nezitayela ezilukwa ngazo, ezaziwa ngomculi wakuleli uSho Madjozi, kubukeka nakulo nyaka zizobafakela enkulu ingcindezi abazali.
Ngomunye unyaka kwake kwamuncu uKhisimusi emndenini wakwaNkoane othandwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, indodakazi yakhona uMomo ingalukwanga ngalezi zinwele.
UMomo, owuthumbu weMzansi's Greatest Family, wakhihla esikaNandi kubuka izwe lonke, unina engafuni ukuzikhipha nomndeni ngoba engalukwanga ngemibala egqamile kaSho.
Unina wayezitshela ukuthi ngoba uhlotshiswe ngobuhlalu obunemibala, sekwanele. Kwaphoqa ukuthi baqale phansi bayochaza e-salon kwaze kwaba uyolukwa kabusha.
Ividiyo yalo mndeni yasabalala ezinkundleni zokuxhumana nakwithelevishini, okuyilapho nabanye abazali baveza ukuthi babheke nesimo esifanayo.
Ukufika kwencwadi iShoMa and the Stars nakho kubukeka kube nomthelela ngokwanda kwesasasa lezinwele zikaSho. Lokhu kuholele ekutheni ezinye zezingane ziveze nokuthi sezifuna ukuluka njengopopayi abakule ncwadi, okwenze uSho waqhamuka nohlobo olusha lwezinwele ezifanayo.
Lezi zinwele ezicwazimulayo zenza kube nokungeziwe kulo nyaka okwehlukile kancaane kwezeminyaka edlule.
"Sethule amaSparkle Braids, iningi lemibala idayise ngemizuzu embalwa. Isekhona nenqwaba esele. Sizophinde silumemezele olunye usuku lwendali," kusho uSho Madjozi emakhasini lakhe ezokuxhumana.
Abazali sebeqalile ukuzwela ingcindezi yezingane ezifuna ukwelukwa ngalezi zinwele.
"Sicela nisazise ngokuthi sizophinde sizithole nini lezi zinwele, izingane zami azifuni ukuluka, zilinde zona," kusho uModise Modise.
"Sicela wandise isitokwe," kusho uRitta Pesh Khoza Thabethe.
Abanye babazali bakhathazekile nangokuthi kukhona abazithenge kakhulu lezi zinwele, ngenhloso yokuzicebisa bona uma sebezidayisa.
"Ngipopola ingozi. Abantu abazithengile bazonyusa kakhulu amanani ezinwele," kusho uMakwenke Saul.