INDUMEZULU yomcimbi wabesifazane waleli phephandaba Intandokazi Women's Club ezoba seCoastlands Hotel eMusgrave, eThekwini ngoSepthemba 9, isisemnyango. Indikimba yengqephu yakulo nyaka seyiphumile ithi Pastel Colours. Yize lo mcimbi usuke ugabe ngongoti besifazane bemikhakha eyahlukene kodwa nengqephu ayisali ngaphandle nokwenza kube nendikimba yaminyaka yonke.
Owengamele ezokumakethwa kweSolezwe, uNksz Phumi Mkhize uthe bakhethe le mibala ngenxa yokuthi ipholile futhi ihambisana kahle nesikhathi sonyaka lapho kuqhakaze kahle nezihlahla.
"Asikho isitayela ekugxilwe kusona, uvumelekile ukugqoka ngesitayela ozifela ngaso inqobo uma ukhethe kule mibala esiyibekile. Sifisa abesifazane bakhululeke ngoba lo mcimbi wenzelwe bona ukuthi bakhohlwe okuningi bajabule ngendlela abayifisayo. Siyazi ukuthi abanye kuba nzima nokuthola isikhathi sokuswenka ngenxa yemisebenzi eminingi abayenzayo," kusho uNksz Mkhize.
Eqhuba uNksz Mkhize uthe lo mcimbi awuzogcina nje ngokuthi abesifazane bacebisane ngolwazi kuphela kodwa kukhona nongoti bezokuzicwala abazokwazi ukubacebisa.
"Isikhumba nokunakekelwa kwaso kubalulekile yikho ongoti behlala besikhuthaza ngakho, sizokwazi nokuthi sikhiphe nezinye zeziphaqulo mahhala kwabahambele lo mcimbi," kusho uNksz Mkhize.
Amathikithi alo mcimbi waminyaka yonke aseqalile ukutholakala ezitolo zakwaSpar ngo-R475. Ngeminye iminingwane ungathumela email: [email protected] noma ushayele 031 308 2663 no-031 308 2741.