UKUGQOKISWA izitolo zomntakabani izimpahla ezimba eqolo ngenye yezinto ezikhombisa ngokusobala izinga lomculi. Lokhu bekuvamise ukwenzeka kakhulu kosaziwayo bethelevishini nemisakazo nabacula ngesilungu, kodwa muva nje kwenzeka ngisho kwabashaya ngesigqi sesintu. Isilomo somculo kamaskadi uMthandeni Manqele owaziwa ngeGcokama Elisha ngomunye wosaziwayo abangaconsi kwabezitolo ngenxa yenhlanzeko.
Muva nje ugixabezwe ngophaca beGucci aveze ukuthi babiza u-R12 000 nokususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana.
" Inhlanhla ngempela iyakwazi kubo kwayo. Uphaca weGucci obiza inani lika-R12 000, ubuya kwaGucci njengesipho, ngibongiseni ningibabazise bafowethu kule nyanga yami yokuzalwa," kusho uManqele.
Kube sengathi ubevele ecushiwe ekhasini lakhe leFacebook kanjalo nakwi-Instagram abantu bebabaza inani lophaca, babodwa ababazayo nabasola ukuthi akalazi kahle iani labo. Kukhona nabamngcofa ngomsakazi woKhozi FM uZimdollar osanda kumkhaca ngenhlamba eMoses Mabhida Stadium emcimbini kamaskandi iMother of All Maskandi Festival.
" Sesikhathele amanga abaculi, asivele isiliphu esihamba nenani," kusho uMjey The coach.
" Alivezwa ngani inani labo pho," kusho uKhandosi Chris Nkr.
" Qhawe inani angiliboni nje," kusho uNkanyiie C'biyea.
" Waaaa laba engizobabona sebegqokwe uZimdollar," kusho uNqanawe.
" Unganikike uZimdollar labo phaca, udelele kakhulu lowo akagqoke abomngani wakhe lona akubasela ngaye. Ujwayelana kabi," kusho uDJ Cuano Vigornation.
UManqele selokhu kunalezi zinkulumo akathi vu ngokuphawula kwabantu abangabaza ukubiza kophaca. Kunalokho unameke ezinye izithombe eswenke econsa ngabo.