KUSUKELA kwesokunxele, yiMeya kaMasipala wesiFunda Umzinyathi, iKhansela Thembisile Mchunu, uMphathiswa woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli neMeya yoMasipala iNdumeni, uMnuz Mcebo Mkhize, behalalisela uSamkelo Makhubalo odle umhlanganiso we-Best Creative Designer kwiDundee July ngoMgqibelo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
NAKUBA usubonakala umehluko webanga eselibanjiwe kepha ukubukelwa phansi kwabomkhakha wezokumodela nemfashini, okwenza ukuthi bangachumi ngokushesha njengabanye beminye imikhakha yezobuciko, ngenye yezinto ezisakhathaza abahleli bomcimbi waminyaka yonke womjaho wamahhashi nezemfashini iDundee July.
Lokho kudalulwe wuMnuz Xolani Zulu wethimba elihlela umncintiswano wezemfashini yalo mcimbi, obuwenziwe ihlandla lika-20 ngoMgqibelo, lapho okuklonyeliswe khona abasiki bengqephu abasafufusa, iningi labo okuyizitshudeni zezikhungo ezahlukene zemfundo ephakeme.
UZulu uthe kuyabakhathaza ukuthi yize bezama ukufukula lo mkhakha ngokusiza abasuke bewungenele kepha akukuningi futhi akwanele okwenzekayo ukubasiza ukuchuma, nokuthi uma sekwedlule iDundee July kube khona abakutholayo okungamathuba okuzithuthukisa.
“Kunezingane esesizazi ngamagama ezihlale zikhona kulo mncintiswano kepha akukho okuhle nokwanele okwenzekayo ukuzikhuthaza ukuthi zithuthuke ngakho ngalokhu okuncane esikwenzayo sifisa ukuthi kwande abazosilekelela ukuze babe baningi abazofukuleka ukubasiza ukuthi bangadikibali emakhonweni abo,” usho kanje.
Kulo mncintiswano kuklonyeliswe abasiki bengqephu abathathu abenze kahle emikhakheni emithathu okungoweBest Menswear, Best Female Wear nosemqoka kunayo yonke weBest Creative Designer. Kanti kanjengonyaka odlule, nakulo nyaka indikimba yezemfashini ibithi African Jewels, ezophinde iqhubeke nangonyaka ozayo - njengoba kusebenza indikimba eyodwa iminyaka emithathu andukuba ishintshwe.
UMSIKI wengqephu oyisitshudeni saseMgungundlovu TVET College, uSamkelo Makhubalo, ephahlwe wonobuhle abahlobe ngemisiko yakhe anqobe ngayo umklomelo we-Best Creative Designer kwiDundee July ngoMgqibelo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Bangaphezu kuka-150 onobuhle abebekhangisa ngemisiko yemfashini yabasiki bengqephu abehlukene, okuqokwe kubona abawu-10 bokugcina, kwahlungwa kubo abanqobile - base beklonyeliswa ngo-R10 000 odle isicoco, u-R5 000 olale isibili no-R3 000 ophume isithathu.
KwiBest Female Wear kunqobe uDavid Ngobeni, elandelwa wuMaria Matswayela endaweni yesibili noZibuyile Dumakude kweyesithathu. Kwi-Best Menswear, umhlanganiso udliwe wuLorna Modale, u-Athenkosi Phungula isibili no-Abulele Sibiya isithathu. Kowe-Best Creative Designer kunqobe uSamkelo Makhubalo, uThobisile Magubane isibili noLaishan Ramdewu isithathu.
USamkelo (20) waseMgungundlovu, owenza unyaka wesibili wezifundo zemfashini eMgungundlovu TVET College, uthe lokhu kunqoba kusho lukhulu kuyena futhi kuzomkhuthaza kakhulu ukuthi aqhubeke nalo msebenzi awenzayo.
“Manje sengibheke ukuqhubeka ngizithuthukise okuzokwenza ukuthi igama lami nelo msebenzi engiwenzya kuthuthuke kuze kufike lapho engikwazi ukuthuthukisa khona abanye abaningi abeza emva kwami,” kusho yena.
Esinye sezikhulu esiphezulu zebhange Ithala, okuyibona ababambe iqhaza elikhulu ukuxhasa lo mncintiswano, uNksz Pearl Bhengu, uzibophezele ukuthi bazoqhubeka baxhase lo mncintiswano nangonyaka ozayo ukusiza ukuthuthukisa abasiki bengqephu nonobuhle.