Imeya uNkk Nonhlanhla Nzuza enikeza uzime ophume phambili uZothando Khumalo izipho
Image: Sithunyelwe
UKHUTHAZA ukuzethemba nokuba nogqozi umncintiswano kanobuhle waseNkandla uMiss and Mr Nkandla obubanjelwe e-e-Indoor Sport Centre eNkandla, ngoLwesihlanu ntambama. Lo mcimbi uyingxenye yemicimbi eminingi eyeseka umcimbi omkhulu okungumjaho wamahhashi iNkandla May Horseracing.
Lo mncintiswano wozime uhlanganisa abantu abasha abesilisa nabesifazane bahluzwe ngokwezigaba ezahlukene kuze kube wukuthi kukhethwa ophumelele kwabesifazane nabesilisa. Ngokusho kukaBongiwe Zuma okhulumela lo masipala, lo mcimbi uyisendlalelo somcimbi omkhulu wesifunda iMr and Miss King Cetshwayo, lapho kuhlanganiswa khona oZime abawine komasipala abahlukene abangaphansi kwalesi sifunda ukuba balwele lesi sicoco.
IMeya yaseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza, nozakwabo kulo masipala, badlulise imiklomelo okukhona kuyo nesheke kwabadle umhlanganiso kulo mncintiswano.
UMduduzi Xulu noZothando Khumalo bamukela isheke kumeya uNkk Nonhlanhla Nzuza ngemuva kokudla umhlanganiso kowe-Mr and Miss Nkandla emcimbini obungempelasonto.
Image: SITHUNYELWE
Othathe indawo yokuqala ku-Miss Nkandla 2025 uZothando Khumalo, indawo yesibili yathathwa uLungile Magwaza kwathi uSinazo Ncayiyana wathola indawo yesithathu.
Ku-Mr Nkandla 2025 UMduduzi Xulu uthathe indawo yokuqala kweyesibili kwaba uSandiso Dlamini, olandelwe uNhlalonhle Zungu ophume indawo yesithathu
Izintokazi: Othathe indawo yokuqala kuMiss Nkandla uZothando Khumalo, indawo yesibili yathathwa uLungile Magwaza kwathi uSinazo Ncayiyana wathola indawo yesithathu Izinsizwa: UMduduzi Xulu uthathe indawo yokuqala kweyesibili kwaba uSandiso Dlamini, olandelwe uNhlalonhle Zungu ophume indawo yesithathu
Image: SITHUNYELWE