NONKULULEKO NHLAPO no-AMAHLE-AMANZIMA MAZIBUKO
I-MET Gala umcimbi omkhulu wemfashini ohlonishwa osaziwayo abahlukene emhlabeni, ubonisile nakulo nyaka ukuthi kungani uyintandokazi yabaningi.
Lo mcimbi waminyaka yonke ungumkhankaso wokuqokelela imali yokuxhasa iMetropolitan Museum of Art eNew York City, ebanjwa minyaka yonke ngoMsombuluko wokuqala ngoMeyi. Kulo nyaka bekuqhakanjiswa umbukiso omusha we-Costume Institute ngesiqubuo esithi, “Superfine: Tailoring Black Style,” oqhakambisa umlando wefeshini yabanyama.
Abasiki bengqephu nosaziwayo abazibekanga phansi, baqinisekisa ukuthi bashaya imisiko eseqophelweni eliphezulu abanye bathatha esikujwayele bakushintsha benza ezibukwayo basibuyisela kona ngendlela ehlukile.
NjengoJanelle Monae ohlanganise umsiko uThom Browne nomsiko kaPaul Tazewell, wakha kabusha isudi eyaziwa nge-tuxedo. Lesi yisitayela seminyaka yo-1930 samadusi amakhulu anemigqa egqamile, kodwa njengoba ehlanganise izinhlobo ezimbili, kuvele kwacaca ukuthi ukucabangisise kahle ukuma nokubukeka kwayo.
Intokazi ethandwayo kuleli uRihanna ishaye ithulamsindo ngesudi evezela umhlaba ukuthi izethwele futhi ingane yakhe yesithathu nesoka layo u-A$AP Rocky.
UJanelle Monae ugqoke umsiko uThom Browne we-2025 met gala, ewuhlanganisa nomsiko kaPaul Tazewell,
Image: FACEBOOK
URihanna nobaba wezingane zakhe u-A$AP Rocky
Image: X
UMsiko kaTeyana Taylor ubuhlonipha inkakha uRuth E. Carter.
Image: Facebook
Nicki Manaj
Image: FACEBOOK/Getty Images
Lo mcimbi ube nomcintiswano wabasiki bengqephu lapho kukhethwa ohambe phambili ngegqephu. Kwabawinile kukhona u-Ozwald Boateng waseBrithani, ogqokise uBurna Boy obeshaye i-tuxedo ebomvu ye-jacquard eqhakambisa imvelaphi yakhe yaseNigeria, noTems oshaye ingubo eyisudi esebenzisa indwangu ye-Ankara.
Burna Boy ushaye ebovu klebhu isudi eqhakambisa izwe lakubo iNigeria
Image: X
UTems uchaze abaningi ngomsiko wakhe we-Ankara, abantu bathande ukuthi akukho okukhulu okwenziwe kodwa umthungi ushaye into ethule du
Image: FACEBOOK
Isonto silivala eSoweto njengoba kuqale umbukiso wefeshini wasebusika weSoweto Fashion Week ngoLwesithathu mhla ka7 uzogoqwa ngoMgqibelo eSoweto Theatre, eJabulani. Lo mbukiso wakhelwe ukunikeza abasiki bengqephu abasha bemfashini ithuba lokuveza izingubo abazenzayo kanye nethuba lokuthi babe nabakhasimende. Uhlelo lwalonyaka luveza imisebenzi yabasiki bengqephu abangamashumi amathathu namamodeli angamashumi ayisishiyagalombili.
ISoweto Fashion Week yethulwa ngonyaka ka-2011, isiphenduke inkundla eyaziwa umhlaba wonke. Umsunguli we-SFM uMnuz. Steph Manzini uthi, “Isizini ngayinye, i-Soweto Fashion Week ilwela ukunikeza inkundla ebalulekile kubasiki bengqephu bendawo ukuze babonise ithalente labo futhi baxhumane nezithameli eziningi. Sizibophezele ekukhuthazeni ukukhula ngaphakathi kwemboni yezemfashini yaseNingizimu Afrika. Minyaka yonke, sibheke ngabomvu ukwethula amaqoqo akhuthazayo futhi anenqubekelaphambili,”
Amalebule nabasiki bengqephu ababhekwe ngabomvu kulokhu, iBoys of Soweto, okuyilebuli kaVusimuzi Ndima odume ngelikaBob the Stylist, ikhangisa imisiko yayo ethandwayo nesezingeni elihamba phambili.
Linyukile izinga kubasiki bengqephu kuSoweto Fashion Week eqhubekayo
Image: Timothy Barnard
Iqale ngegiya eliphezulu iSoweto Fashion week Autumn/Winter Show
Image: Timothy Barnard
IBoys of Soweto ikhangisa umsebenzi wayo koweSoweto Fashion Week
Image: X