Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

I-Plus Fab nezitayela eziphambili kwabondlekile

Bongiwe Zuma|Published

ZIZOTHOLAKALA ezifundazweni ezahlukene izimpahla zabondlekile ngomzimba ezintsha ezisanda kukhishwa ilebuli yakuleli engaconsi phansi.

I-Plus Fab okuyilebuli kangoti wezemfashini u-Ouma Tema ogqokisa izikhulu zikahulumeni, abasendlunkulu kanjalo nosaziwayo, idedele imisiko emisha negabe ngayo ngaleli hlobo.

U-Ouma umemezele ukuthi le misiko izofakelwa ezitolo zeThe Space eMenlyn Mall, Mall of Africa, Rosebnak Mall, Cavendish Mall, Gateway nasePavilion eThekwini.

I-Plus Fab ayigcini nje ngokugqokisa osaziwayo kodwa minyaka yonke iba nomjikelezo wezifundazwe ezahlukene lapho u-Ouma ecobelela khona abantu ngolwazi lwemfashini kwabondlekile. Uphinde abalekelele nangokuqonda uhlobo lwemisiko efanelwe imizimba yabo ngokwehlukana kwezakhiwo zayo.

Ngaphandle kwale misiko emisha, u-Ouma ugabe nangezimpahla zabondlekile zokubhukuda olwandle. Lezi zimpahla nazo zithungwe ngezitayela ezingenafani kanti iningi lazo lithi alifane nalezi zitayela ezitholakala ezimpahleni zabancane ngomzimba.

Isitolo sePlus Fab, u-Ouma umemezele ukuthi sizohlaba ikhefu kuze kube uJanuwari 8. Yize kunjalo kodwa izitolo zeThe Space zona zinohlelo olwehlukile kolakhe.