Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

IMAXHOSA yakuleli nesitolo eNew York

Bongiwe Zuma|Published

ILEBULI yakuleli iMAXHOSA iyongenisa eNew York njengoba kuzoba nesitolo sayo ngonyaka ozayo Isithombe: FACEBOOK/ MAXHOSA

UKWESEKWA ekhaya sekumbeke ebalazweni umsiki wengqephu ongaconsi phansi kuleli nakwamanye amazwe uLaduma Ngxokolo weMAXHOSA Africa esizotholakala phesheya kwezilwandle. IMAXHOSA ngenye yamalebuli aseNingizimu Afrika enganyelwe yindlu emnyama nezakhele igama ngemisiko egqamisa kakhulu elakuleli nemvelaphi yalo.

ULaduma umemezele ukuthi amabombo abheke eNew York njengoba ngoFebhuwari ngonyaka ozayo kuzoba nesitolo seMAXHOSA eSoHo New York ngonyaka ozayo

"Kuwona wonke umuntu owaseseka kusukela ngosuku lokuqala kuze kube yimanje kanjalo nabanesifiso sokwenza lokhu ngiyabonga, ngicela nijabule kanye nathi ngalomzuzu omkhulu," kusho uLaduma.

ISoHo eyakhele iManhattan ngenye yezindawo zaseNew York eziqukethe lonke uhlobo lwezitolo zomntakabani nokwenza izinga leMAXHOSA kucacele noma ubani ukuthi liya ngokudlondlobala. Iningi labantu abahambela le ngxenye yedolobha liyazi kangcono imfashini nokubaluleka kokugqoka amalebuli atholakala kule ndawo. IMaXhosa emlandweni weNingizimu Afrika isesicongweni ngokwezinga lezemfashini njengoba nayo seyizokleliswa nabantu abahlonishwayo kulo mkhakha.

Lezi zindaba zithakaselwe ngabantu abaningi kakhulu okubalwa kubo neningi losaziwayo abahlala bebonakala ngemisiko yeMAXHOSA. Ngaphandle kwabo ngisho nabasiki bengqephu abasezingeni eliphezulu okubalwa noRich Mnisi bazithakasele kakhulu lezi zindaba.

IMAXHOSA iyovula lesi sitolo nje ibisanda kuvula esinye enxanxatheleni yezitolo entsha eThekwini, i-Oceans Mall.

IMISIKO yeMAXHOSA ilokhu igaba ngezitayela ezehlukene minyaka yonke Isithombe: FACEBOOK/ MAXHOSA

ULADUMA Ngxokolo weMAXHOSA ubonga ukwesekwa ekhaya kwelebuli yakhe esiyongenisa naphesheya kwezilwandle Isithombe: FACEBOOK/ MAXHOSA