Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Lenyukile izinga lezishweshwe zomakoti

Bongiwe Zuma|Published

INDWANGU yangempela yengubo iyazikhulumela kumakoti uma esegqokile, lena eyeLUFI D Isithombe: FACEBOOK/ LUFI D

IZOTHI chithi saka imishado ngalesi sikhathi. Kuzobe kuduma amakhanda komakoti ngenxa yemisiko nezitayela ezisuke zikhona kodwa umuntu engazi kahle ukuthi kugqokwani.

Imishado eminingi yamanje sekucacile ukuthi akubona bonke omakoti abakhonze ingubo emhlophe kodwa sekungenwa emasontweni nezishweshwe zikanokusho zesimanje. Lezi zishweshwe zithungwe sakuba isintu, umswenko kanjalo nengubo yomshado.

Ungoti wezemfashini eThekwini uNkk Nomsa Msani weBrightness Fashion Academy, uveza ukuthi izingubo zesimanje zigabe kakhulu ngobuhlalo noleyisi nokwenza zidlise.

"Uyakwazi ukuba muhle ngesintu ngendlela yesimanje ngoba ayisafani nendlela ebekugqokwa ngayo kudala, sekugxilwa kakhulu kwizinhlobo ezahlukene zobuhlalo besimanje obumesha nezindwangu. Uleyisi obizayo yiwona owenza lezi zingubo zehluke, uzinikeze isithunzi nezinga eliphezulu, sekungaya ngawe ngombala nesitayela ofisa ukuthungelwa sona," kusho uNkk Msani

Eqhuba uthe uhlobo lwemisiko ebizwa ngemibhaco nayo ingenisile ngoba indlela ebibhayindwa ngayo nokuwuhlobo lokuhlobisa, sekuhlukile. Izicholo, ama-fascinator, amabhande kuyahambisana kahle nengubo oyigqokile.

UNkk Msani uthe iyembe lomkhwenyana alingasali nalo alibe nakho okuthatha ingubo noma ngabe uphawu oluncane kwizihlakala, ekhukhwini noma ngezinkinobho. Uma bekhona abakhaphi nabo kumele bangehluki kakhulu kwabashadayo. Nezishweshe kumelwe sithungwe ngendlela yokuthi ukwazi ukuphinde usigqoke ngelinye ilanga.

Ephetha, uNkk Msani uthe kunezinhlobo zezindwangu ezibalulekile nezenza le misiko ibukeke kahle okubalwa uhlobo lwe-3 cats, animal print okungaba isishweshwe esigabe ngengwe, idube, inyamazane, ibhubesi nezinye izilwane.

Izinhlobo zezingubo ezikhonzwe kakhulu namaphethini azo:

Ball Gown

-Igabe ngokuyikizela oleyisi abahlukene bese ihlotshiswa kahle ngama-pearls, ubuhlalo, amadayimane. Kulezi zesintu ubuhlalo obudla ubhedu kulesi sitayela.

Mermaid

-Iningi labantu elingamalamb’adlile likhonze lolu hlobo olubamba thaqa umzimba bese ludedeleka ngezansi. Ongoti bathi akekho umuntu ongeke wayigqoka noma ngabe wondlekile inqobo uma izothungwa ngohlobo lwesakhiwo somzimba wakhe ngezitayela ezithile ukufihla izimbejeje nokunye.

Tea Length

-Lolu hlobo lwengubo ikhonzwe kakhulu izinhlanga zamazwe aphesheya kwezilwandle kodwa nabakuleli bayazigqoka

Trumpet

-Le ngubo ikubamba kahle emabele bese ikukhulula ngezansi iphinde ikubambe ama-hips kahle bese idedela.

INGUBO yeBrightness Fashion ezishaya saBall Gown nehlotshiswe kahle ngobuhlalo yamesha ngesicholo Isithombe: SITHUNYELWE

ULEYISI kufanele uqine futhi kungabi owokugcina icala ngoba wenza umsiko ubesezingeni eliphezulu njengalo weBrightness Fashion Isithombe: SITHUNYELWE

IZINHLOBO zemisiko yesintu ziyehluka ngokwezinhlanga namasiko ahlukene kuhle koweLUFI D esenkabeni yeTheku Isithombe: FACEBOOK/ LUFI D

UMSIKO kamakoti awumeshe kahle nomkhwenyana noma ngabe kwehluke umbala, njengabe Lufi D Isithombe: FACEBOOK/LUFI D
INGUBO yakho ayithungwe ibesezingeni eliphezulu njengoweLUFI D ukuze ukwazi ukuphinde uwugqokele olunye uhlobo lomcimbi Isithombe: FACEBOOK/ LUFI D