Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Kugqame nemisiko yabesilisa kwiDFF

Bongiwe Zuma|Published

EMINYE yemisiko yabesilisa yelebuli yeDuke ehlala ishaya ngengqephu esezingeni eliphezulu Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR

BAKHIPHE unyawo abasiki bengqephu ebebegadla ngezimpahla zabesilisa kwindumezulu yomcimbi wengqephu iDurban Fashion Fair eyenziwa minyaka yonke eThekwini. Ilebuli yabesilisa iDuke ngenye yamalebuli amakhulu angene kwezwakala nezitayela ezahlukene zabesilisa.

IDuke yazakhela igama eminyakeni eyedlule igaba kakhulu ngemisiko eyayidlisa ngamabiker jacket abesilisa namabhulukwe ayedla ubhedu kule minyaka edlule. Selokhu igqame njalo imisiko yayo kanti kulo nyaka ingene ishaya ngezinga elicokeme kwiDurban Fashion Fair nokwenza ubone ukuthi ilebuli esinamava kulo mkhakha yize ungayazi.

Kulo nyaka babalelwa ku-20 231 abantu ababeyingxenye yembukiso kanti babewu-609 osomabhizinisi ebebekhangisa ngemisebenzi yabo eyahlukene okubalwa nezinkampani ezinkulu. Kulo mcimbi kubonbakala nabenza imisebenzi yezandla okubalwa izinto ezibaziwe zokuhlobisa, ubuhlalo, izimbali, amakhekhe, izingubo, ifenisha nokunye okuningi. Izivakashi eziqhamuka

Imisiko kaVyagor Louve ngenye yemisiko edle ubhedu kulo kweyabesilisa kulo nyaka nebisezingeni elipehzulu njengoba ebehlanganise isintu nomswenko wontakabani.

ISUDI kanokusho iDuke ekhangise ngayo embukisweni wengqephu wakulo nyaka Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR

BEKUSHIYANA ukwenza ngemisiko yabesilisa ebikhangiswa eThekwini Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR

ALUKHO uhlobo lwengqephu olungabonakalanga kwiDurban Fashion Fair yakulo nyaka Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR
BEKUKHONA nabasiki bengqephu esebenamava okubalwa noNkk Lindiwe Kuzwayo Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR
BEYIHLALA igcwele imicimbi yembukiso yengqephu Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR
NEZICUKUTHWANE ebezihambele iDurban Fashion Fair beziswenke ziconsa Isithombe: FACEBOOK/ DURBAN FASHION FAIR