Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Imbokodo ibihlobe ngokwesintu emcimbini wayo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Candy Tsamandebele

IMICIMBI yezindondo ithandwa yibo bonke abayihambelayo ngoba bathola ithuba elihle lokuqhakaza ngemisiko eyahlukene, okuyinto egqamisa isitayela sabo.

Umcimbi weBasadi in Music Awards uveze ithuba elihle lapho imbokodo ihlanganyele ndawonye kwacaca ukuthi umswenko yinto yabo.

Umcimbi wezindondo ubusingathwe ngoMgqibelo ebusuku, ubunabaxhasi iSABC 2, Nandos neSoft n Free.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngabahleli, ongakwazanga ukuzifikela mathupha ukuthamela lo mcimbi, usenalo ithuba lokuwubuka njengoba uzosakazwa bukhoma ngomhla ka-27 kwephezulu ngo-8.30 kwiSABC2

Naba osaziwayo abambalwa abakhiphe unyawo ngengqephu belandela isiqubulo sakulo nyaka sokuhloba ngokwesintu namateki.

@audreykozwana
Nobuhle Mimi Mahlasela
Umsakazi weMetro FM uKhutso Theledi ohlabane ngendondo yomsakazi ovelele
Khosi Twala noMarvin
Lethabo LeJoy Mathatho