Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Ibidida unwabu ifeshini kwekaSomizi

Nonkululeko Nhlapo|Published

OSAZIWAYO nabathandi bomculo babuthane eSun City eMahikeng izolo ebusuku emcimbini wentandokazi yakuleli uSomizi Mhlongo.

Lo nontandakubukwa ongumdansi ohlonishwa kakhulu kuleli ubenomcimbi wokuguba iminyaka engu-50 edla anhlamvana.

Kulo mcimbi bekuboshelwe abaculi noDJ okubalwa kubo uCassper Nyovest, Kelly Khumalo, Dladla Mshunqisi, Sjava, uDJ Tira nabanye.

Abantu benze isiqiniseko sokuthi bayazimisela ngefeshini enhlobonhlobo kwazise phela umnikazi womcimbi udume ngengqephu edida ngisho unwabu.

ULEBO Molax wenze isiqiniseko sokuthi ushaya ngomsiko ohlukile ngoba bayamazi umnikazi womcimbi, akagqoki noma yini isithombe: TWITTER
UNDO Maleho ungomunye wosaziwayo abebeyingxenye yalo mcimbi: Isithombe: TWITTER
USJAVA ushaye adume ngazo esiteji izolo washiya onhliziyo zibuhlungu bethobekile.

Inqephu kaKelly Khumalo ishiye abaningi bedidekile kwazise phela ubefake ingubo eyenziwe ngo-teddy bear abancane abaningi.

UVusi Nova ongumngani kaSomizi wenze ezibukwayo esiteji ngesikhathi enandisa. Ubusuku bucishe baphetha kabi kulo mculi wengoma ethi, Asiphelelanga, ethola ingozi yemoto eshayisana namaphoyisa ngesikhathi esuka kulo mcimbi elibangise komunye obuseVaal khona ebusuku bayizolo.

Unikele ezinkundleni zokuxhumana echaza ngokwenzekile wabonga noNkulunkulu ngokuthi basindile kule ngozi eshiye imoto yakhe ilimele kabi ngaphambili.