Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Imisiko yeSona yehlise izinga lengqephu

Bongiwe Zuma|Published

INGQEPHU kuleli ngenye yezinto esuke ibhekwe ngambomvu emicimbini emikhulu yaminyaka yonke, okubalwa neyeState Of The Nation Address (Sona) lapho umengameli wezwe esuke ezothula khona inkulumo ayibhekise esizweni.

NgoLwesine ebusuku amehlo ebethe njo kosopolitiki bakuleli abahlala bedlana imilala eKapa. Kodwa kulo nyaka izinga lehle kakhulu. Ongoti bezemfashini bathi eminyakeni edlule, bekuba nzima ukuthola obashaye emakhanda ngoba imisiko ibisezingeni eliphezulu kodwa kulo nyaka kuyaciciyelwa uma kubhekwa abashaye khona.

Ungoti wemisiko yezemfashini ogqokisa osaziwayo, okubalwa nosopolitiki, uNkk Mamsie Mkhwanazi we-Afrolicious, uveza ukuthi ukuba nabantu esebekhulile ePhalamende ngenye yezinto ezinomthelela ekutheni lehle nezinga lengqephu. Lokhu uthe kwenziwa wukuthi isikhathi esiningi abagqokeli ukuswenka kodwa bafuna into ezobahlala kahle emzimbeni futhi bakwazi nokuhamba bakhululeke bengacondobezeli nangamagqoks abesifazane.

"Kukhona abesifazane abaningi ebebegqoke sengathi bebeya esontweni, ekubeni yibona abagqamisa kahle ingqephu. Lo nyaka ube mubi kakhulu ngokwengqephu. Kuvamise ukuba neningi eligqoke kahle, kube nzima nokubakhetha nokuhlunga ophume phambili kodwa kulokhu bashaye into ephansi babaningi," kusho uNkk Mkhwanazi.

Ephetha uNkk Mkhwanazi, uthe osopolitiki abagqoka imisiko yesintu bakhombisa nobuqotho kubo ngoba basuke bexhase osomabhizinisi bakuleli noma basezwenikazi i-Afrika.

UDkt Naledi Pandor

Umsiko wakhe kusetshenziswe uhlobo lwendwangu eyiSatin esetshenziswa kakhulu uma kuthungwa izingubo zokulala. Le ndwangu akuyona eyengubo ongayigqoka ngalolu suku.

Abayibambile

UNkk Nomsa Dube Ncube

- Bewumuhle umsiko wakhe. Uyabonakala ukuthi uzinike isikhathi obemthungela noma engakhonzile izinto eziyikazelayo kodwa umsila ukhombisile ukuthi bebewuqonda umcimbi ayakuwo.

UDkt Nkosazane Dlamini Zuma

Ngokwesintu ube muhle emeshe kahle futhi efanelekile ngokweminyaka nomzimba wakhe ewugqokele ngendlela.

Ukhaphethe obomvu nemisiko yawo

Black tie

-Lapha kungena uhlobo lwemisiko ongeke wayigqoka kwezinye izindawo njengase sontweni, emgcwabeni nasedolobheni. Kusuke kulindeleke ukuthi ugqoke ingubo kanokusho, isudi noma imvunulo esezingeni eliphezulu. Kwabesifazane imisiko emide elindelwe kakhulu ngegabe ngombala omnyama, oyigolide neminye ehambisana nebala lesikhumba. Umsiko wakho ungaba noleyisi noma inethi kodwa kube ngefanelwe yileli zinga.

White tie

-Yile misiko ehlukile kwengenhla, ungafaka ngisho ingubo emhlophe nezishaya sangubo yomshado, kanjalo nesudi kwabesilisa ingaba mhlophe. Iphutha okumele ungalenzi wukugqoka isigqebhe ngoba lolo hlobo lomsiko selungena ngaphansi kwengqephu ebizwa ngama-cocktail.

Imisiko yesintu

-Uma kwenzekile wavunula ungalenzi iphutha lokufaka umsiko ongaphelele, ikakhulu kwabesifazane kuyalehlisa izinga lomsiko.

Imihlobiso

-Imigexo, amacici namabhangela makube ngawegolide, idayimane noma ama-pearls.

UMNUZ Fikile Mbalula

UMNUZ Zizi Kodwa

UNKK Thoko Didiza
EZINYE zezicukuthwane ezithathwe kwiSona

Abashaye eceleni

UNKK Maite Nkoana Mashabane

OMUNYE wezicukuthwane

UDKT Naledi Pandor nabanye